UMDLALO wamanqamu weNdebe yoMhlaba yombhoxo phakathi kweNingizimu Afrika neNew Zealand ozodlalwa eStade de France, eParis, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku, uthembisa ukuba ngozokhumbuleka isikhathi eside ngezindlela eziningi.
Ngaphandle kokuthi elilodwa kulawa mazwe lizoba ngelokuqala ukunqoba lo mqhudelwano amahlandla amane, kungenzeka futhi ukuthi ukhumbuleke ngezinto ezincane nezinkulu ezizokwenzeka enkundleni, okuyizona ezizocacisa ukuthi le ndebe iphelelaphi.
Womabili amaqembu abusiswe ngabadlali abanamakhono amangalisayo, okwenza agcine eseshiye abanye ngaphandle uma eqoka isikwati azodlala ngaso.
Bakhona abadlali okubhekwe ukuthi baklame indima enkulu ngoMgqibelo. Abanye babo sebeqalile ukuziveza kulo mqhudelwano, abanye kungenzeka ukuthi basafihle induku emqubeni.
Yize amaBhokobhoko enenqwaba yabadlali abasemqoka njengokaputeni uSiya Kolisi no-Eben Etzebeth noDamian de Allende, laba badlali abalandelayo yibona abangaqhamuka neminyakazo okuzobe kusakhulunywa ngayo ezinyageni ezizayo.
Abadlali abangagqama kumaBhokobhoko:
n Handre Pollard
Nakuba engebukhali njengoManie Libbok uma kusagijinywa nebhola, uPollard naye uyakwazi ukuqhamuka nomnyakazo omuhle asize ozakwabo ukuthi bashaye ama-try.
Umehluko omkhulu awenzayo yilapho esekhahlelela khona ipali kumaphenathi nama-conversion. Indlela aphola ngayo ngisho engaphansi kwengcindezi yiyona engenza amaphuzu amaBhokobhoko anganqoba ngawo aqhamuke onyaweni lwakhe.
n Cheslin Kolbe
Iningi labalandeli bamaBhokobhoko lithanda ukubona uKolbe egijima eyoshaya ama-try, okuyinto ayenza bebhekene ne-Ireland neFrance kodwa kuningi okunye ekwenzayo le nyamazane. Nakuba engalishile kangako igabande kodwa uyakwazi ukufika kuqala emabholeni andiza emoyeni futhi uyakwazi ukumaka abadlali abakhulu ngomzimba kunaye.
n Bongi Mbonambi
Kukhulunywe okuningi mayelana nezinsolo ebezibhekiswe kulo mdlali kuleli sonto, elandulela umdlalo wamanqamu kodwa kumavidiyo afakwe ezinkundleni zokuxhumana ubebukeka ezilolonga neqembu ngendlela ejwayelekile, engakhombisi kuphazamiseka.
Njengoba kunguyena kuphela ojwayele ukudlala kwi-hooker eqenjini lamaBhokobhoko, indlela azophosa ngayo engxenyeni yamaBhokobhoko noma uma leli qembu lihlasela izoba nomthelela omkhulu. Ngaphandle kwalokho amandla akhe ahlale edingeka kuma-scrum futhi ungomunye wabaholi.
Abadlali abangagqama kuma-All Blacks:
I-All Blacks izodinga abadlali bayo baphambili, uCodie Taylor, Scott Barrett nabanye ukuthi bazibambe ziqine ukuze bamelane namandla abamaBhokobhoko kodwa akuyona imfihlo ukuthi amandla amakhulu aleli qembu alele kubadlali basemuva abagijima nebhola.
n Will Jordan
Ugqame kulo mqhudelwano ngokuhlohla ama-try. Kuyimanje uzihola phambili ngama-try ayisishiyagalombili. Ushaye amabili emdlalweni ngamunye bebhekene ne-Italy ne-Uruguay kweyamaqoqo. Ube eseshaya eyodwa kuma-quarter-final bedlala ne-Ireland, namathathu ngesikhathi bebhudluza i-Argentina kowandulela owamanqamu.
n Beauden Barrett
Ungomunye wezelamani ezintathu zakaBarrett eziyingxenye yesikwati seNew Zealand. Ubalwa nabagqamile kulo mqhudelwano. Wenza konke okudingekayo kumdlali ogijima kwi-fullback njengoba ekwazi ukunqaka amabhola, ukukhahlela abuye aqale iminyakazo ebheke phambili. Ngokujwayelekile uma uBeauden esefomini, kuba nzima ukwehlula ama-All Blacks.
n Richie Mo’unga
Unekhono kodwa akakazibonakalisi ngokuphelele kulo mqhudelwano. Umdlalo wamanqamu uletha ithuba elisha lokuthi umdlali ngamunye abhukule. Njengoba kulindeleke ukuthi uPollard angayiniki ithuba lokuphefumula iNew Zealand uma esekhahlelela ipali, noMo’unga kuzomele enze kangcono ukuze angavumeli amaBhokobhoko ukuthi avule igebe ngamaphenathi.
Kuzocaca ngoMgqibelo ukuthi ngabe ukhona yini kulaba badlali ozogqama ngempela kowamanqamu, noma kuzovela iqhawe elehlukile kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.