ZIZOKWEHLA izihlathi kubashayeli bezimoto abebehleka bodwa emuva kokwehla kukaphethroli, kwazise kule nyanga uyanyuka.
UMnyango wezaMandla nokuMbiwayo umemezele ukuthi kule nyanga amalitha kaphethroli womibili i-93 Octane ne-95 Unleaded azonyuka ngo-51 cents.
Ilitha likadizili i-0.05% Sulphur lizonyuka ngoR1.43 cents bese elikadizili i-0.005% sulphur linyuke ngoR1.44 cents.
Ilitha likapharafini lizonyuka ngo-77 cents.Abasebenzisa igesi bazojabula njengoba ikhilo layo lizokwehla ngo-98 cents.
Umnyango uthe izinguquko kwintengo kaphethroli, ekadizili nopharafini zidalwe wukunyuka kuka-oyela ongahluziwe ezimakethe zomhlaba nokuntenga kweRandi.
Uma kunyuka uphethroli nodizili kuvamise ukuthi kunyuke nokudla ezitolo kwazise abalimi basebenzisa amaloli ukukususa emapulazini bakuyise ezitolo.
I-Pietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (PMBEJD) iveze ukuthi ukudla kuyaqhubeka nokubiza njengoba igilosa yomndeni omkhulu isibiza uR4 805.
Ithe ukunyuka kukaphethroli kuhlupha kakhulu abampofu nabahola kancane njengoba begcina besebenzisa imali eningi ukuthenga ukudla bengasakwazi ukufeza ezinye izidingo.
Ibuye yakhala nangokunyuka kwemalimboleko elokhu inyuke njalo njengoba abanezikweletu begcina bengasenamali.
UMnuz Mervyn Abrahams wePMBEJD, uthe iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) kufanele licabangele abampofu liyeke ukunyusa imalimboleko.
Ubalule ukuthi njengoba amandla emali ehlile akufanele iBhange loMbuso linyuse imalimboleko ngoba ukunyuka kwayo kwenza impilo ibe nzima kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika abadonsa kanzima.