IZOQEDA izingane ezingondingasithebeni iFundani Children’s Home, eyakhiwe ngumacaphunakusale waseThekwini, uMnuz Vivian Reddy.
Leli khaya elidle uR7 million eliku-North Coast Road, eThekwini, livulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, nguReddy, iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba nePhini likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Ganief Hendricks.
UReddy uthe ukusiza abantu yinto ehlale isenhliziyweni yakhe njengoba engafuni ukubona abantu bedonsa kanzima.
Uthe leli khaya lisekujuleni kwenhliziyo yakhe ngoba umsunguli walo uNkk Prudence Mwandla, ngumuntu osebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi izintandane ziba nekusasa eliqhakazile.
“Ngingusomabhizinisi okholelwa kakhulu ekubuyiseleni emphakathini ngoba ngifuna abantu baphile kahle. Kubalulekile ukuthi singalindi ukuthi uhulumeni enze yonke into kodwa nathi singosomabhizinisi, silekelele emphakathini. Leli khaya lizosusa izingane ezingondingasithebeni emgwaqweni,” kusho uReddy.
Uthe iSibaya Community Trust okuyinhlangano yakhe abuyisela ngayo emphakathini, isinikelele ngo-R270 million isiza izinhlangano zomphakathi ezingaphezu kuka-200, ngezindlela ezihlukene.
IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, ithe abanye osomabhizinisi kufanele basike iphethini kuReddy, babuyisele emphakathini ukuze kunciphe igebe phakathi kwabampofu nabacebile.
Uthe uhulumeni ufuna ukuqeda ubuphofu ngonyaka ka-2030, ngakho osomabhizinisi kufanele basebenzisane nohulumeni ukuletha impilo engcono kubantu.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Ganief Hendriks, lithe yize uhulumeni ekhipha izibonelelo zabampofu kodwa kubalulekile ukuthi osomabhizinisi basize.
Uthe iFundani Children’s Home ngeke igcine ngokuqoqa izingane kodwa izozinika ikusasa eliqhakazile ukuze zibe yizakhamuzi ezizoletha umehluko eNingizimu Afrika.
UNkk Mwandla uthe uswele amazwi okubonga kuReddy ngoba sekuphele iminyaka ewu-15 ecela uxhaso lokwakhelwa elinye ikhaya lezintandane kodwa kungekho abamsizayo.
UMnuz Njabulo Mngadi (30) owakhulela eKhulani Children’s Shelter, uthe uNkk Mwandla wamsiza kakhulu njengoba weza kuleli khaya emuva kokushonelwa ngabazali.
“Impilo yayinzima emuva kokushonelwa ngabazali kodwa uMam’Prudence wangithatha wangikhulisa nabanye ababesesimweni esifana nesami. Namhlanje ngiyiphoyisa, ngishadelwe ngenxa yokuqoqwa nguye. Naleli khaya lizosiza ezinye izintandane,” kusho uMngadi.