SIQALE ngegiya eliphezulu isigcawu esiqondisa ubugwegwe uMengameli wezimantshi KwaZulu-Natal, uMnuz Eric Nzimande.
Isigcawu sihlelelwe ukuhlala kusukela ngoMashi 4 kuze kube nguMashi 15, nonyaka, eNkantolo yasePhoyinti eThekwini.
UNzimande uthweswe amacala angu-162, awaphika wonke, okukhona awokugwazisa ngemali nangocansi abafuna izikhundla, ukugembula e-casino ngesikhathi somsebenzi namanye.
IKhomishini yeziMantshi iyona eshushisa uNzimande phambi kweJaji uJeremiah Shongwe eselathatha umhlalaphansi.
Ngokusho kuka-Advocate Sipikazi Poswa-Lerithole SC, ohola ithimba lekhomishini, bafuna uNzimande alahlwe ngawo wonke amacala athweswe wona.
Lolu qweqwe lommeli luthi umvusi wenyamazane, uNkk Lindelwa Gumede owabika uNzimande kwikhomishini ngamacala okugwazisa ukuze ahambise igama lakhe kwiphini likaNgqogqoshe woMnyango wezobuLungiswa, uMnuz John Jeffreys, khona ezothola isikhundla sokuba yimantshi okwesikhashana.
Kusolakala ukuthi uNkk Lindiwe wayencamela ukugwaza ngemali eyagcina isinguR140 000 ngoba egwema okwakufunwa uNzimande owayefuna azohlala emathangeni akhe bawotawotane, kukhulunywe ngocansi.
UNkk Gumede kuthiwa wakhokha kwaguga iphakethe, kwathi esehluleka wavele wabika izinsolo ngoJulayi 2015.
Kodwa ngo-2016, lo mmangali wawahoxisa amacala ayesebikwe nasemaphoyiseni ebhekiswe kuNzimande kodwa wama ekutheni akushilo esitatimendeni esifungelwe kuyiqiniso.
Kuthiwa washenxa ngoba eshodelwa yimali yokuqhubeka necala. Kuvele ukuthi uphenyo olwasungulwa lwapequlula namarekhodi ezingcingo eziqoshiwe ocingweni likaNzimande noxhaxha lwama-akhawunti akhe asemabhange okuthiwa wayefakelwa khona imali ayegwazelwa ngayo abafuna izikhundla.
UNzimande usolwa ngokuthi wayenabantu ababezwa ngaye, bemkhokhela imali, kuthi ogolozayo abukaniswe nabanye abasebenzi esidlangalaleni.
Laba ababizwe ngobhululu bakaNzimande kuthiwa babesentendeni yesandla sakhe, besebenza umathanda ngisho ungafaka icala ngabo, babengathintwa.
UNzimande akavumanga ukuya phansi engandlalelwe njengoba ekhulume ngomlomo wommeli wakhe, uMnuz Ravindra Maniklall, wathi uyabhecwa, kuhlaselwa isithunzi sakhe nesezobulungiswa.
Uthe kwaphulwa umthetho kupeqululwa amarekhodi ocingweni lakhe nawasemabhange yize uNkk Gumede ayesewahoxisile amacala.
UNzimande ulandise wathi uNkk Gumede wadinwa ukuthi wachithwa nguJeffreys ekutheni aqhubeke abambe isikhundla semantshi, wase esola yena ukuthi wamnyundela.
Uqhube wathi uzofakaza uma edingeka futhi nabantu okuthiwa wabagwazisa bayakweshwama okushiwoyo ngabo ngaye.
Kulindeleke ukuthi uShongwe abize ufakazi wokuqala walesi sigcawu.