ZIYANDA izinkinga kumholi weNFP, uMnuz Ivan Barnes, okufakwe icala lokuthi axoshwe ebukhanseleni.
Owakhishwa esikhundleni ngesikhathi kufakwa uBarnes ebukhanseleni kuMasipala wesifunda iZululand, uMnuz Sibusiso Nkosi, ufake icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UNkosi ufuna ukuthi inkantolo ichithe ukuxoshwa kwakhe, iphinde ichithe nokuqokwa kukaBarnes kwesobukhansela.
UNkosi waxoshwa kwiNFP esolwa ngokuthi usefudukele kwelinye iqembu elingazange lishiwo.
Emaphepheni asenkantolo, uNkosi uthe kungamanga aluhlaza ukuthi usefudukele kwelinye iqembu.
UNkosi uthe akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi exoshwa, wakhala ngokuthi akazange anikwe ithuba lokuthi aziphendulele.
“Isinqumo sokungixosha kuthiwa sathathwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu. Iqiniso ukuthi isigungu esiphezulu asinawo amandla okuxosha umuntu. Akukho okubhalwe phansi okukhombisa ukuthi obani ababekhona kulo mhlangano okuthiwa wathatha isinqumo sokungixosha.
“Umthetho weqembu unikeza ilungelo umuntu ukuthi abizelwe esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe uma kunezinsolo abhekene nazo. Umuntu uxoshwa emva kokunikezwa ithuba lokuthi aphonsele inselelo isinqumo sokumxosha. Mina angizange nginikwe ithuba lokuthi ngiziphendulele.”
UNkosi uthe uxoshelwa ukuthi ubonwa njengomuntu ongameseki uBarnes.
“UBarnes uphezu komkhankaso wokuxosha bonke labo akholwa ukuthi abahambisani naye. Akusimina owokuqala ukuba athole incwadi emxoshayo, baningi abanye abaholi abathole izincwadi zokubaxosha.”
Kuleli cala, uNkosi umangalele noMphathiswa wokuBusa ngokuBambisna neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uMasipala wesifunda iZululand, nenhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission.
UNkosi ufuna kuchithwe isinqumo sikaButhelezi sokwamukela incwadi yokumxosha.
Ufuna ukuthi icala lokuxoshwa kwakhe lilalelwe ngo-Okthoba 2.
Ayizange iphumelele imizamo yokuthola uBarnes ukuze aphawule njengoba ucingo lwakhe beluthi lumatasa.
UNkosi akasiyena umholi wokuqala ukufaka uBarnes enkantolo.
Ngenyanga eyedlule abaholi beqembu abangu-12 abaqavile okukhona kubo iphini lemeya kuMasipala waseThekwini, uNksz Zandile Myeni, nemeya kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz Mshangane Ndabandaba, bamangalela uBarnes emva kokuthi ebathumelele izincwadi ezibasabisa ngokubaqondisa ubugwegwe.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu yakhipha isivimbelo sesikhashana esinqanda uBarnes ukuthi amise la baholi.
INFP ibhekene nezinkinga zangaphakathi njengoba kukhona icala eliphonsela imiphumela yengqungquthela okwakhethwa kuyo uBarnes.
UBarnes wakhethwa engqungqutheleni eyayingonyaka odlule kodwa akasahoshelani nabanye abaholi aqokwa kanye nabo okubalwa kubo unobhala jikelele, uMnuz Teddy Thwala, naye uBarnes ambhalela incwadi yokumumisa.