ZISHE zangqongqa izisebenzi ezintathu zikhiyelwe umqashi ebhilidini okwakhiwa kulo ifenisha eMissionlands eVerulam ngoMgqibelo.
Okhulumela iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe zintathu izinsalela ezitholwe kule ndawo ngabezimo eziphuthumayo.
Uthe imindeni nabangani babalisa abane abangakwazanga ukubuyela emakhaya izolo ekuseni bafike qathatha kule ndawo bezobabheka.
Uveze ukuthi ithimba lakwaRusa lithole ucingo emva kokuthi abebebheka, belunguze ngewindi lebhilidi ebelisha, baqaphela ukuthi kunezinsalela zesidumbu somuntu.
“Kuthe uma befika endaweni yesigameko, bebheka, bathola ukuthi ngempela isidumbu somuntu. Izicishamlilo zikaMasipala weTheku nazo zifikile, zathola ezinye izidumbu ezimbili,” kusho uBalram
Uthe isidumbu esisodwa asikahlozwa.
Ngokwezihlobo zabashonile, bayisishiyagalolunye abokufika baseMalawi abebesebenza ebusuku kule ndawo eyakha ifenisha ngesikhathi kuqala umlilo.
Kuthiwa uqale ngabo-11.30 ebusuku.
“Zonke izintuba zokuphuma kuthiwa bezikhiywe umqashi ngesikhathi beqala ukusebenza. Lokhu kushiwo izisebenzi ezisinde kulo mlilo,” kusho yena.
Uqhube wathi zinhlanu izisebenzi ezigxumele ngaphandle, zisuka phezulu, zibalekela umlilo. Uthe zisale nemihuzuko.
“Abezicishamlilo basathungatha umgilwa wesine,” kusho uBalram.
Nakuba uBalram ethe zitholiwe izidumbu ezintathu, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe izisebenzi ezine azikatholakali.
Uthe ibhilidi lishe laphela nya.
Uthe uphiko lwamaphoyisa lwabatakuli nezinye izinhlaka bahlole isimo, babona ukuthi akuphephile ukuthi kungenwe ebhilidini, kubhekwe abagilwa.
“Abemindeni yabagilwa batsheliwe ngalesi simo. Kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu esiteshini samaphoyisa eVerulam.