ZINGASE zinyuke izigaba zokunqamuka kukagesi kuleli sonto njengoba i-Eskom ilindele ukuthi kuthathe izinsuku ezinhlanu kuya kweziyisithupha ukuthi imishini yayo ewu-18 ephehla ugesi ngamalahle isebenze ngokugcwele.
Lezi zindaba zidalulwe yisikhulu esibhekelele ukusebenza kwe-Eskom, uMnuz Jan Oberholzer izolo, esithangamini sabezindaba.
“Silindele ukuthi kubuye imishini ewu-18 ephehla ugesi ngelahle, ezobuyisa ugesi owu-9 000MW. Lokhu kuzothatha izinsuku ezinhlanu kuya kweziyisithupha ukuthi kwenzeke,” kusho u-Oberholzer.
Uthe wonke umuntu usebenza ngokuzikhandla ukuqeda inkinga yokunqamukakukagesi kodwa inkinga yimishini emidala efa njalo.
Uveze ukuthi kulo nyaka sebesebenzise uR7.7 billion bethenga udizili futhi babeke omunye uR500 million wokuthenga omunye udizili.
Uthe kungenzeka imali abayisebenzisa kudizili kulo nyaka ifinyelele kuR15 billion ngenxa yemishini efa njalo, okuyiyona ebaphoqa ukuthi bashise udizili omningi uma begwema ukuthi izwe libe mnyama bhuqe.
Isikhulu esiphezulu se-Eskom uMnuz Andre de Ruyter sithe sizothenga ugesi owu-1 000MW kubakhiqizi bakagesi abazimele, esibale kubo iSappi neSasol.
Sithe ngoMgqibelo kube nomhlangano ophuthumayo webhodi le-Eskom, obekukhona kuwo noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan.
Uthe kulowo mhlangano kunqunywe ukuthi kufanele bathenge ugesi kubakhiqizi abazimele ukuze balwe nenkinga yokunqamuka kukagesi okungahleliwe.
Uthe ugesi ongekho njengamanje uwu-15 603MW ngenxa yemishini efe bengahlelile.
Amaqembu aphikisayo athe uMengameli Cyril Ramaphosa kufanele abuye phesheya kwezilwandle, azolungisa inkinga yokunqamuka kukagesi.
UMnuz Canaan Mdletshe onguNobhala jikelele weNational Freedom Party (NFP), uthe uRamaphosa akakwazi ukupepenyeka emngcwabeni weNdlovukazi yamaNgisi ekubeni izwe lisebumnyameni.
Uveze ukuthi ukunqamuka kukagesi kulahlekisela umnotho ngoR10 billion ngosuku, okusho ukuthi inkinga yokungabi bikho komsebenzi ngeke ixazululeke uma ingalungiswa inkinga kagesi.
“Inkinga yase-Eskom ayiyintsha, kufanele uRamaphosa abuye ngokushesha azoyilungisa. Akhiphe zonke izikhulu ze-Eskom, uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni kanjalo nebhodi le-Eskom. Baningi kabi abantu angabaqasha abanamakhono okuxazulula inkinga yokunqamuka kukagesi,” kusho uMdletshe.
Amazwi akhe ananelwe nguMnuz Kevin Mileham weDA, othe uRamaphosa akabuye eNingizimu Afrika ngoba inkinga kagesi ilokhu iqhubekileyena ebe epepenyeka.
Uthe kudala bemxwayisa ukuthi akathathe izinyathelo ezinqala kodwa ebaziba, ngakho kufanele abuye azoyilungisa ngokushesha.
Ukhale ngokuthi into ebacika kakhulu wukuthi i-Eskom ehluleka wukuphehla ugesi ifuna ukuwunyusa ngo-32% ngonyaka ozayo.