ZIHLABANA amalunda phakathi kowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, emuva kwezinsongo zikaNgizwe.
Emasontweni adlule uNgizwe ufunge wagomela, wathi uMalema uzongena eMoses Mabhida Stadium, eThekwini namhlanje engasekho yena. Eziphendulela uMalema komunye umjikelezo we-EFF obuKwaZulu-Natal, uthe akekho umuntu ongamvimba ekungeneni kule nkundla njengoba bezokwethula umhlahlandlela wabo wokhetho.
UMalema uthe kuyacaca ukuthi lolu suku luzoshaya uNgizwe engasekho emhlabeni ngoba akasoze amvimba yena.
Ubeke kanje uMalema: "Ngize lapha ukuzonitshela ukuthi sesikhona ngokusemthethweni lapha. Kunesilima ebesihamba sithi uMalema ngeke alubeke eMoses Mabhida. Kuchaza ukuthi sizobe sifile ngoMgqibelo. Uyathanda akathandi, sengifikile. Ngikhona. Ngizobe ngiseMoses Mabhida ngoMgqibelo."
Uthe akekho umuntu ongenza iKwaZulu-Natal ibe ngu-alubhadwa.
"Ngeke i-IFP ikwenze lokho! Ngeke iDA ikwenze lokho! Ngeke i-ANC ikwenze lokho! Akekho umuntu ongavimba mina ukuba ngize KwaZulu-Natal, ngaphandle uma lowo muntu ekulungele ukufihlizwa yisitimela esibomvu. Ngisho ngoba i-EFF iyisitimela esingasanqandeki," kusho uMalema.
UNgizwe uhlele indumezulu yomcimbi wamabhinca ngalolu suku, iMabhinca Cultural Carnival and Festival, eGugu Dlamini Park, eThekwini.
Uthe kuyoqalwa ngemashi ezosukela esichuseni sikaBotha eBerea, yehle njalo ngomgwaqo uPixley kaSeme (West), iphikelele epaki iGugu Dlamini.
Yize oGatsheni noKhuzani sebephumele obala ngokuthi bazonandisa emcimbini we-EFF ngalolu suku kodwa oMzukulu, Saliwa, Dumakahle, Menzi, Gadla neNkosi Yamagcokama sebekuqinisekisile ukuthi bona bahamba noNgizwe.
Abanye abaculi ababoshelwe wuNgizwe, kubalwa iZingane Zoma, Imithente, Shwi, Jaiva, Sminofu, Big Zulu, Qhosha, Ntencane, Thokozani Langa, Mdumazi, Njoko, Mjabulisi, Falabo, Ithwasa Lekhansela, Navigator, Bahubhe, Gqizile, Mkhulekelwa, Luve, Skweletu nabanye.
Emcimbini we-EFF kulindeleke ukuba kunandise iMajor League DJs, DJ Tira, Big Zulu, Khuzani, Mthandeni, Dladla Mshunqisi, Big NUZ, Babes Wodumo, Jumbo, Bullistik, Mawhoo, Kabza de Small, Gatsheni, Ringo Madlingozi, Young Stunna, Sosha, Linda Sibiya, Ntando Duma, Tshatha Ngobe nabanye.