ABAHLAZIYI bezombusazwe sebekhale ngokuthi izinto abantu bakuleli ababekhala ngazo phambilini namanje basakhala ngazo.
Bathi kusuka okhethweni lwango-1994, amaqembu ahlukene akhala ngendaba yemisebenzi, indaba yendlala ebhekene nomphakathi kanjalo nezinye izinselelo namanje ezisekhona.
UDkt Levy Ndou umhlaziyi wezombusazwe, uveze ukuthi ezinye zezinto umengameli we-ANC uCyril Ramaphosa, akhulume ngazo ethula umqulu wezithembiso zokhetho enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini, yizinto ezinye zazo abantu abazaziyo.
Uthe zikhona ezinye akhulume ngazo okubalwa ukuqashwa kwamaphoyisa ukulwa nobugebengu nezinye.
“Indaba yomshwalense wezempilo ngenye yezinto abantu abafuna ukuyibona yenzeka kuleli ngoba wonke umuntu ufuna ukuthola usizo lwezempilo olusezingeni. Okwamanje silinde ukubona ukuthi uma esayina le yalo mshwalense imigoqo ekhona izobe ithini.”
Omunye umhlaziyi uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe noma ezinye zezimemezelo azenzile zizinhle kodwa inkinga wukuthi ezinye zazo ngeke zenzeke.
Uthe okuningi akushilo okuyimigomo abakhankasa ngayo kudinga ukuthi kube nogesi.
“Uma ethi uzothuthukisa izimboni ukuze kwakheke amathuba emisebenzi udinga ugesi ukwenza lokhu. Kunenkinga enkulu yokucishwa kukagesi ezweni ngakho akushilo okuningi kuncike kuwona,” kusho uMngomezulu.
Uthe odabeni lokuhlinzekwa nokungenela emikhandlwini ehluleka ukuhlinzeka abantu ngamanzi, kunezindawo osekuphele iminyaka zingenawo amanzi futhi okucacayo ukuthi asekude ukufika.
“Ezindaweni ezifana noNgwavuma nezinye kunenkinga enkulu yamanzi, amapayipi okuwayisa emphakathini awafakiwe. Kuneminyaka ikhulunywa eyamanzi kodwa ayenzeki. Ziningi izethembiso ezenziwayo inkinga ngukuthi zigcina zingenzekanga.”
URamaphosa uthe bafuna abantu bathole amanzi ahlanzekile futhi bawathole njalo ngoba iyinkinga eyamanzi kuleli.
“Sinqume ukuthi sizibambele mathuba singenele kuleyo mikhandlu ezohluleka ukuhambisa amanzi ngoba ayisidingo. Sifuna uwonke wonke awathole amanzi.”
Uthembise nokuthi uzokwehlisa intengo ye-data, wathi kwamanye amazwe ibiza kahle.
Uveze nokuthi kuzokwakhiwa amathuba emisebenzi engu-2.5 million, wathi sizoqhubeka nesibonelelo sabangasebenzi esinguR350 ngenyanga.
“Sifuna ekugcineni ukuthi kube nesibonelelo esizoholwa unomphela kulabo abangasebenzi. Abantu bakithi badonsa kanzima ngakho le mali iyabasiza kakhulu.”