UKHALELWE amasongo kasiGonyela umshayei weloli elimbandakanyeke engozini enyantisa igazi kuthelawayeka uN3, eMariannhill, ngoLwesibili ekuseni.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, babili abantu abashonile kodwa uMnyango wezokuThutha esifundazweni uthe bathathu, kwalimala kanzima abahlanu.
Umshayeli weloli oneminyaka engu-42 uboshiwe wase ethweswa amacala okungelokubulala ngokungenhloso nelokushayela budedengu.
Okhulumela amaphoysa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe abantu ababili kutholakale ukuthi bashonele endaweni yesehlakalo abanye abalimele baphuthunyiswa esibhedlela beyokwelashwa.
Uthe umsolwa bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo ekuseni.
Kwabashonile kukhona uMnuz Pradhi Thakur-Rajbansi nengoduso yakhe, uNksz Priyanka Nunkumar okuyizihlobo zelungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal futhi elingumholi weMinority Front (MF), uNkk Shameen Thakur-Rajbansi.
UNkk Thakur-Rajbansi ungumfelokazi womsunguli weMF, uMnuz Amichand Rajbansi.
IsiShayamthetho, esiholwa uSomlomo uNksz Nontembeko Boyce, sikhiphe isitatimende sidlulisa amazwi enduduzo emndenini oshonelwe.
Amaphoyisa athe kusolakala ukuthi imphunyukile umshayeli iloli lashayisa ezinye izimoto.
I-video yengozi egcwale ezinkundleni zokuxhumana, iveza iloli liqhamuka ngesivivinini ohlangothini lomgwaqo oluhamba izimoto ezigijimayo, lashayisa imoto emhlophe ebimile layihudula lishayisa nezinye.
UMnyango wezokuThutha eKZN, oholwa uMnuz Sipho Hlomuka uthi zingu-15 izimoto ezimbandakanyeke kule ngozi kwama nse yonke into kuN3 ngaseMariannhill Toll Plaza uma ubheke eThekwini.
UHlomuka uzwakalise ukukhathazeka ngokukhula kwesibalo sezingozi ezibandakanya amaloli wathi kumele kubekhona okwenziwayo ukuvikela imiphefumulo engenacala.
“Siyakwamukela ukuboshwa kwalo mshayeli futhi sifuna bathathelwe izinyathelo zomthetho abanikazi beloli. Lokhu kuzothumela umyalezo kubashayeli bamaloli nakubona bonke abasebenzisa imigwaqo ukuthi labo ababulala abantu abanandawo emigwaqweni yesifundazwe,” kusho uHlomuka.
Uqhube wathi uhulumeni usengenele ekutheni kunqandwe izingozi eseziphenduke insakavukela kuthelawayeka uN3 kuPeter Brown, eMgungundlovu. Umnyango uthi uqinise ezokuphepha ngokuthi ufake ubuchwepheshe besimanje njengoba umgwaqo ulungiswa.
Sekuncishiswe nesikhathi obekuzophothulwa ngaso ukulungiswa komgwaqwo sisuka kuMashi 2023 njengoba sekuzosongwa ngenyanga ezayo.
Mayelana nasoPhongolo, umnyango uthe sesikhona isiteshi samaphoyisa omgwaqo esingumahamba nendlwana, kwengezwa isibalo samaphoyisa nezimoto ngenhloso yokuqinisa ezokuphepha.