LUYIDINILE imindeni yabagilwa olukagobela waKwaQwasha oLundi, okuthiwa udlwengule amathwasa asemancane amathathu abewathwasisa waze wakhulelisa elilodwa kuwo.
Ugobela kuthiwa zimkhalele ngoLwesihlanu kulandela ukungenelela komndeni woyedwa wabagilwa.
Kubagilwa kuthiwa kukhona oneminyaka engu-14, onengu-15 nonengu-18.
Okuthiwa ukhulelwe oneminyaka engu-18. Kuthiwa yena nalo oneminyaka engu-15, ugobela waqala ukubadlwengula ngoMeyi nonyaka ngesikhathi bezoqala ukuthwasa.
Isolezwe lithole ukuthi itshwasa elineminyaka engu-14 lona liqale ukudlwengulwa ngenyanga edlule ngesikhathi nalo liqala ukuzothwasa esigodlweni sikagobela.
Ilungu lomndeni woyedwa wabagilwa, elingeke lidalulwe ukuvikela umgilwa, lithe ubikele udadewabo ngokuhlukunyezwa kwabo wugobela.
“Umndeni uphuthume esiteshini samaphoyisa oLundi ukuyowanekela udaba. Kusukwe khona lapho, kwayiwa esigodlweni sikagobela wafike watshelwa ngamacala asolwa ngawo ngaphambi kokuba ashaqwe amaphoyisa,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe emva kokuvulwa kwamacala, abagilwa babuyiselwe emakubo bobathathu.
Lilandisa ngokuvezwe abagilwa lithe ugobela ubeye abathengele amakhothi kabhiya amabili ithwasa ngalinye, abathelele ugologo ogcwele i-glass ngalinye, athi abakuphuze. Kuthiwa ubebuye ababhemise nogwayi, insangu nama-luzi.
Kuthiwa ubethi amadlozi abo athi akabaphuzise utshwala, ababhemise.
“Oyedwa uveze ukuthi ngelinye ilanga kwaba sengathi uphupha ugobela emdlwengula, wathi uma ethuka, ephaphama wathola ukuthi akaphuphi, umdlwengula ngempela,” kusho ilungu.
Lithi umgilwa uthe wazama ukumsusa phezu kwakhe ugobela kodwa wavele wamklinya, waqhubeka nokumdlwengula.
Ubuye wathi omunye umgilwa ubatshele ukuthi yena wabona ephuma igazi esithweni sangasese ukuthi kade edlwengulwa, kwathathwa ubuntombi bakhe.
“Bathi bebethi uma bemtshela ukuthi ubaphuzisa utshwala ngenhloso yokubadlwengula, avele abatshele ukuthi uma beke basho uzobabulala. Kuthiwa ubebuye abatshele ukuthi yena unomuthi onzima, ngeke aboshwe ngisho bangambophisa, abuye athi uzobaphambanisela izinto zabo zentwaso bangaphinde balungelwe yilutho,” kusho ilungu.
Liveze ukuthi bathole ukuthi ugobela umthetho wakhe ukudlwengula amathwasa akhe njengoba nonkosikazi wakhe wamkhulelisa, wabe esegijima eyomlobola, wamgana.
“Njengoba ezovela kusasa (esho namuhla) sifuna angayitholi ibheyili ngoba abagilwa abaphephile uma yena engaphandle. Akafuneki lo muntu emphakathini.
“Le nto yehlisa isithunzi sabelaphi bendabuko. Abelaphi abahlunge izigebengu kubelaphi. Akuqali ukuzwakala kwale mikhuba. Lokhu kulimaza kakhulu igama lokwelapha. Abaqinisekise ukuthi uyatoka ngoba ungcolisa igama labo,” kusho ilungu.
USotswebhu weNFP eZululand uMnuz Sphamandla Ntombela, uthe akwamukeleki ukuthi umuntu olindeleke ukuthi ngokomsebenzi wakhe avule izandla asize umphakathi, bese enza isenzo esifana nalesi.
Uthe kufanele ingabe abesilisa ababahlukumezi abesifazane ngoba bayinzalabantu wathi akanganikwa ibheyili. .
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-31 ngamacala okudlwengula kanti uzovela enkantolo yeMantshi eMahlabathini.