BONISWA MOHALE
BADEDELWE ngebheyili kaR70 000 abamangalelwa abane, kwabayisishiyagalombili, abasolwa ngokukhwabanisa uR2.2 billion wenkontileka yaseKusile.
BADEDELWE ngebheyili kaR70 000 abamangalelwa abane, kwabayisishiyagalombili, abasolwa ngokukhwabanisa uR2.2 billion wenkontileka yaseKusile.
Phakathi kwalabo bamangalelwa kukhona uNkk Mosima Koko, unkosikazi kaMnuz Matshela Koko owayeyisikhulu sase-Eskom, naye oboshiwe namadodakazi omkakhe amabili, uNksz Koketso Choma noNksz Thato Choma.
UMnuz Koko nabanye abayisikhombisa bathathwe ngamaphoyisa NgoLwesine ekuseni eGauteng, naseMpumalanga, bavele eNkantolo yeMantshi eMiddelburg, eMpumalanga, lapho bebhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa athinta inkontileka kaR2.2 billion yesiteshi sikagesi, iKusile.
Kuvela ukuthi indodakazi uNksz Koketso Choma, umkakhe uNkk Mosima Koko, bahlomula ngoba babesebenzisana nenkampani yaphesheya i-Asea Brown Boveri (ABB), eyayinobudlelwano nenkampani yendodakazi kaKoko, i-Impulse International. Kuthiwa indodakazi kaKoko yahlomula ngoR30 million kanti imali yacazelwa umkakhe.
UKoko uvele enkantolo nabanye abasolwa abayisikhombisa uma kubalwa umkakhe nendodakazi. Umbuso uthe ngeke uyiphikise ibheyili kanti ungathanda ukuthi ibe wuR100 000.
UKoko nasolwa nabo baqale bathi bazokwazi ukukhokha uR20 000 kuphela kodwa iMantshi yathi ibheyili yabanye abasolwa okukhona kubo umkakhe nendodakazi izoba wuR70 000.
UKoko uthe uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika esithembekile, unomuzi kaR4 million nenye impahla, ungusomabhizinisi osebenza nakwamanye amazwe futhi akasoze wabaleka kuleli.
Uthembise ukuthi akekho ozophazamiseka uma ekhishwa ngebheyili futhi nomphakathi ngeke uphatheke kabi ngokudedelwa kwakhe.
Icala liyaqhubeka.