ULALE ebaliwe ngoLwesithathu owesilisa oneminyaka engu-49 waseBuffelsdraai eVerulam eThekwini osolwa ngokudlwengula indodakazi angayizali eneminyaka eyisishiyagalombili.
Owesilisa kuthiwa udlwengule umgilwa izikhawu eziningi ngoMsombuluko kanti kusolwa nokuthi ubengaqali.
Ngokusho kokhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) uMnuz Prem Balram owesilisa uboshwe onogada babo emva kokuthintwa omakhelwane bebanxusa ukuthi bangenele ngokubopha owesilisa.
“Onogada beRusa bathe uma bekhuluma nonina kamgilwa oneminyaka engu-32, bathola ukuthi umsolwa umdlwengule ngoMsombuluko umgilwa ngesikhathi engekho,” kusho uBalram.
Uthe bathole ukuthi unina kamgilwa wakuzwa ngomakhelwane abambiza efika, kukhona lapho ayephuma khona bamtshela ukuthi bamzwile umgilwa ekhala ngesikhathi esele nomsolwa ethi akayeke le nto ayenzayo.
“Uthe bamtshele ukuthi umgilwa uphume eqhasha kubo ebaleka emva kwalokho kukhala,” kusho uBalram.
Uveze ukuthi bathole kunina kamgilwa ukuthi uthe uma ekhuluma naye (umgilwa), wakuqinisekisa ukuthi usingababa wakhe umdlwengulile.
“Unina kamgilwa uthe umgilwa ubuye wamtshela nokuthi ubengaqali ukumdlwengula kodwa ubengakaze amtshele ngakho ngoba ubesaba ukumazisa,” kusho uBalram.
Uqhube wathi bona bangenela nje, unina kamgilwa bese likhona icala abeselivulile esiteshini samaphoyisa eVerulam ngoLwesibili maqede kwayiwa kudokotela ngoLwesithathu.
“Umbiko kadokotela ukuqinisekisile ukuthi umgilwa uthintiwe, icala labe selidluliselwa emaphoyiseni aphenya amacala odlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane nawocansi asePhoenix,” kusho uBalram.
Uphethe ngelithi bona bambophe emva kokuthintwa umphenyi wecala ebacela ukuthi benze njalo, uthe ubayalele ukuthi baye emzini othile lapho abekhona, bambamba engakabaleki, wayogcinwa esiteshini samaphoyisa eVerulam.
Unina kamgilwa nomsolwa banezingane okungezabo ezimbili, eyentombazane eneminyaka emithathu neyomfana enezinyanga eziyishumi nanye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokudlwengula kulandela isigameko sokudlwengulwa kwengane ngoJuni 19 umsolwa owaziwayo.
“Idokodo lilidluliselwe ePhoenix ophikweni oluphenya amacalaoluphenya amacala oDlame lwaseMndenini, ukuVikelwa kweZingane nawoCansi ukuthi aqhubeke nophenyo,” kusho uNgcobo.