ZIMKHALELE owesilisa waseMhlasini eVerulam, eThekwini ogwaze wabulala owesilisa osebenza nesinqandamathe sakhe ngeSonto.
Ngokusho kukaMnuz Prem Balram weReaction Unit outh Africa (Rusa), umsolwa uphinde wagwaza omunye wesilisa obehamba nomufi kodwa uphuthunyiswe esibhedlela. Uthe kuthiwa umgwaze emhlane.
UBalram uthe bathole izingcingo entathakusa zivela kwizakhamuzi ezehlukene emva kokuthi zithole isidumbu sowesilisa sidindilize ngaphandle kwendawo yokucima ukoma.
“Ekufikeni kwabo abakwaRusa, bathole ukuthi abagilwa bangabesilisa bafike endlini lapho kuhlala khona owesifazane othandana nomsolwa. Kuthiwa bangqongqozile emnyango, kwavula umsolwa. Kuthiwa bacele ukukhuluma nowesifazane nokuyilapho kuqale khona ingxabano,” kusho uBalram.
Uthe bathole ukuthi ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, umsolwa ugcine ekhipha ummese egwaza abesilisa ababili.
“Kuthiwa babalekile endaweni yesigameko, kodwa bawela ngasendaweni yokucima ukoma okuthiwa iqhele ngamamitha angu-300,” kusho uBalram.
Uthe oyedwa ushonele lapho kwathi owesibili waphuthunyiswa esibhedlela.
“Umsolwa unikezelwe emaphoyiseni aseVerulam,” kuphetha uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala kulandela isigameko.
“Obize amaphoyisa uthe babone amadoda amabili abelele phansi enamanxeba okugwazwa. Oyedwa (21) ubenamanxeba ekhanda nasesifubeni, kuthe uma ebhekwa, kwatholwa ukuthi oyedwa useshonile. Owesibili uphuthunyiwe esibhedlela,” kusho uConst Ngcobo.