ZITHEMBA ukuthi ivoti lazo lizobanika intuthuko, lilwe nobugebengu nokubulawa kwabantu izakhamuzi zaseCato Crest, eMayville.
Le ndawo engaphansi kukaward 101, eThekwini, isingathe ukhetho lokuchibiyela obeluyizolo.
Bekuphume nesinedolo ukuyovota kuheleza umoya wobunye nobumbano phakathi kwamaqembu epolitiki abehlukene. Bekudlana imilala i-ANC, IFP, EFF, African Freedom Revolution (AFR) ne-African Transormation Movement (ATM).
Obekade eyikhansela lale ward, uMnuz Mzimuni “Ngiba” Ngiba (46) wasuswa ekubeni yikhansela. Usegcinwe esitokisini njengoba esegqigqe inkantolo izinyanga ezingu-20 ngamacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala. Icala lakhe lizoqulwa ngo-2024.
Ilungu lomphakathi, uNksz Phindile Ndlela, licele bakhelwe izindlu futhi kuqiniswe ezokupepha emphakathini wabo.
“Indawo esihleli kuyona inezigebengu, asiphephile. Ngijabulile ukuvota engithemba lizoshintsha isimo. Bekunzima sihlale unyaka wonke ikhansela lingekho lungekho ushintsho eliphathekayo ewadini,” kusho uNksz Ndlela.
UNksz Thulisile Bhengu ongumvoti, uthe ikhansela elisha kumele lisukumele izinselelo ezibhekene nabakhubazekile futhi kulungiswe amapaki nezindawo zokudlala izingane.
“Nezimfuno zezaguga kumele zisukunyelwe futhi kulungiswe izindlu esihlala kuzona ezingekho esimweni. Izigebengu ziningi, sifuna kutshalwa amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngoba sekufiwa kakhulu,” kusho uNksz Bhengu ethi ikhansela elizongena alibenzele iqiniso ngoba sebekwenzile okwabo gevoti.
Uma uyongena kulesi sikhungo sokuvota ubukhangwa amanzi agxazayo nenkunkuma kadoti.
Okhulumela inhlangano yezokhetho i-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe lishone elayizolo zingekho izihibe ezibikiwe ezindaweni ebezinokhetho.
UNgwira uthe ukhetho beluko masipala okungowaseThekwini, eRay Nkonyeni naseNkosi Langalibalele.
UMnuz Mlondi Mkhize okhulumela i-ANC eThekwini, uthe bawulalelile umphakathi obufune umuntu abafolose ngaye okhethweni futhi bazishayile izibalo ngakho bazoyigcina kubona i-ward.
Usihlalo wekhokhasi ye-IFP eThekwini, uMnuz Mdu Nkosi, uthe umfelandawonye wabo neDA uzobaweza ngelibanzi kule ward. Uthe bathenge nama-generator ukuze kukhanyiswe uma kucishwa ugesi singabikhona isikhathi lapho kuzoba mnyama khona uma sekubalwa amavoti.