UKHOMISHANA wamaPhoyisa kazwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uncome ukusebenza ngokushesha kwamaphoyisa aseGauteng, ebopha abasolwa ngokubulala amaphoyisa.
Kulesi sifundazwe, kubulawe amaphoyisa amabili ezigamekweni ezenzeke ngeSonto nangoLwesibili.
Ngemuva kwalezi zigameko, kujutshwe ithimba lamaphoyisa asebenzela izinhlaka ezahlukene ukuphenya ngazo. Kwesokuqala; abasolwa abane bagasele emzini kaSergeant Tumelo Losaba (41) bambulala. Laba basolwa babanjiwe, ababili babekwa amacala okubulala kwathi ababili babekwa amacala okutholakala nempahla nesibhamu esingekho emthethweni.
ULosaba ubulawa nje, ubeseneminyaka engu-14 esebenzela umbutho wamaphoyisa esebenzela uphiko lweRapid Rail Policing Unit (RRPU).
Kwesinye isigameko; ngoLwesine ekuseni, amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngecala lokubulala uSergeant Vuyani Ngcobo.
“UNgcobo ubeneminyaka engu-48 ubudala futhi esesebenze iminyaka engu-20 embuthweni wamaphoyisa ngaphansi kophiko lweSedibeng District’s Essential Infrastructure Task Team (EITT). Udutshulwe wabuwala ngesikhathi elandela umkhondo wabadayisa izidakamizwa endaweni yaseDe Deur, eSedibeng, eGauteng,” kusho uColonel Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa eGauteng.
UMathe uthe laba basolwa batholwe nezibhamu ezimbili ezizohlolwa ukuthi abukho ubugebengu ezake zasetshenziswa kubo.
Ababulali bakaSergeant Losaba bazovela eNkantolo yeMantshi eGa-rankuwa, ngoLwesihlanu, kanti ababulali bakaNgcobo bazovela eNkantolo yeMantshi eVereeniging, ngoMsombuluko, ngoNovemba14, 2022.