UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal umemezele ukwelulwa kwezinkontileka zababhekele ezokuphepha nenhlanzeko ezikoleni.
Ngokwesitatimande somnyango, abasebenzi abasiza ezikoleni zikahulumeni, izinkontileka zabo zokusebenza zizoqhubeka kuze kube uMashi ngonyaka ozayo.
UMphathiswa walo Mnyango esifundazweni uNkk Mbali Frazer, uthe lokhu kwenzelwe ukuqinisekisa ukuthi abafundi bafundela ezindaweni ezihlanzekile neziphephile ezikoleni.
“Ngenxa yokubaluleka komsebenzi abawenzayo, izinkontileka zababhekele ukuphepha ezikoleni nabahlanzayo zeluliwe kuze kube wuMashi 31 ngonyaka ozayo.
“Okukhulu ngalokhu kwelulwa kwezinkontileka wukuthi abafundi bathola imfundo esezingeni, endaweni ehlanzekile nephephile,” usho kanje.
Uthe lokhu kuzophinde kusize nabasebenzayo ukuthi baqhubeke nokuxosha ikati eziko. Umnyango uphinde waveza ukuthi zonke izikole sezizitholile izinsiza kufunda ezidingekayo, ebezisilele kuzo kunyakamali u-2023/2024.
Phambilini kubekhona ungabazane mayelana nokulungela komnyango ukuqala ukufunda, njengoba bekubikwa izingqinamba ekudlulisweni kwemali yama- norms and standards ezikoleni ezinikezwe igunya lokuthi zizithengele zona izinsiza kufunda.
“ Ukudluliswa kwale mali kuzoqinisekisa ukusebenza ngendlela ezikoleni zakulesi sifundazwe nokuthi abafundi bathola imfundo esezingeni elifanele.” kusho uNkk Frazer.