UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele uthi asikho isidingo sokujabulela ukwehla kwesibalo samacala okubulala nawokudlwengula. Wathi kusafanele kufakwe umfutho omkhulu ngoba zisekhona izigameko.
UCele ubekhuluma ePitoli, ngesikhathi kwethulwa izibalo zobugebengu zekota yokuqala kusukela ngo-Ephreli kuya kuJuni nonyaka.
“Kwehlile ukubulawa kwabantu kodwa akuyona into esingayijabulela ngoba yisibalo esibikiwe uma kukhulunywa ngemiphefumulo yabantu ephumile. Sidinga ukuthi umphakathi ubambisane namaphoyisa ukuze kunqotshwe impi yobugebengu,’’ kunxusa uCele.
Izibalo zobugebengu zibhekwa ngokuthi kuqhathaniswe ikota yokuqala nonyaka, nekota yokuqala yangonyaka odlule.
Isikhulu samaphoyisa uMajor General Sekhukhune, seneke izibalo zobugebengu eziveza ukuthi kwehle kancane ukudlwengulwa, nokubulawa kwabantu kodwa kwenyuka ezinye izinhlobo zobugebengu.
Amacala okubulala abikiwe kuzwelonke angu-6 228 kanti ekuqaleni ayengu-6 424, okukhomba umehluko ka-196 okungukwehla kwesibalo ngo-3.1%. Amacala okunukubezwa ngokocansi abikiwe angu-11 616 esuka ku-11 855 lokho khomba ukwehlala ngamacala angu-239 okungukwehla kwesibalo ngo-2.0%.
Noma kunjalo kodwa awokuzama ukubulala anyukile ayaku-5 969 esuka ku-5 576 nokuchaza ukwenyuka ngamacala angu-393 okusho ukuthi enyuke ngo-7.0%. Amacala okushaya ngenhloso yokulimaza enyuke aba ngu-37 491 esuka ku-34 685 kusho ukuthi enyuke ngamacala angu-2 856 nokuchaz aukuthi kwenyuke ngo-8.2%.
Kuqaphelekile ukwenyuka emacaleni okushaya, ukubamba inkunzi nokubamba inkunzi ngesihluku.
UMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, uthe banohlelo olubizwa nge-Operation Shanela, olwenziwayo kuzo zonke izifundazwe ngenhloso yokulwa nobugebengu.