UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthi yimibango yokubusa omasipala baKwaZulu-Natal, lapho kungekho amaqembu athola izihlalo ezanele zokubusa ngokuzimela, eyandisa izigameko zokubulawa kwamakhansela esifundazweni.
UCele uthe amakhansela amaqembu asembangweni wokubusa le mikhandlu, asengcupheni yokubulawa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba lapho echaze ngeqhaza eselibanjwe yithimba lamaphoyisa elathunyelwa ukuba lizophenya izigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Kunenqwaba yemikhandlu KwaZulu-Natal, ebuswa ngokubambisana. UCele uthe uphenyo lwabo luthole ukuthi imibango yokulawula imikhandlu yiyona eyenza kwande lezi zigameko.
“Esikubonayo ukuthi lapha KwaZulu-Natal, izingxoxo zokubambisana zenziwa ngombhobho wesibhamu. Sikhathazekile ngokuphepha kamakhansela eNFP,” kusho uNdosi.
Kusanda kuhlaselwa amakhansela amathathu alenhlangano kumasipala wakwaNongoma, obuswa ngokubambisana.
Ngenyanga edlule ikhansela lenhlangano uMnuz Mphathiseni Manqele, lasinda edutshulwa.
Kuyo inyanga eyedlule kwabulawa ikhansela leNFP kulo masipala, uNkk Ntombenhle Mchunu kanti ngaphambi kwalokhu uNkk Nonhlanhla Zungu usinde ngokulambisa ezigamekweni ezintathu zokuhlaselwa.
“Kubukeka sengathi amakhansela eNFP ayajaheka ngenxa yokuthi kunesinqumo senkantolo esibavimba ukuthi bakwazi ukufaka amakhansela uma kukhona elishonile.”
“Namhlanje sizohambela khona KwaNongoma ukuyohlangana nezinhlaka ezahlukene, ukuze sizame ukubuyisela isimo kwesejwayelekile. Engingakusho ukuthi sikhathazekile ngezifunda iZululand neTheku okubulawa kuzo amakhansela e-ANC, e-IFP nawe-NFP.
“Isikhathi esiningi umkhuba usuke ungaphakathi ekhaya. Siyaye sibuke uma kusocongwe ikhansela bese abaholi bamaqembu ezepolitiki bebanga umsindo, bebuza ukuthi aphi amaphoyisa.
“Bakhuluma kanje nje, yibona abawumsuka wokusocongwa kwabantu. Yingakho sinxusa osopolitiki ukuthi bazinuke amakhwapha, sisola imbangela yalokhu wumbango wamathenda esifundazweni,” kuqhuba uMagaye.
Udalule nokuthi osomabhizinisi abamisa imisebenzi banesandla ekusocongweni kwamanye amakhansela. Uthe lide ibanga eselihanjwe yithimba lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki, kusukela laqokwa eminyakeni emihlanu edlule njengoba selibophe abantu abangu-348, kanti abangu-62 sebalahlwa ngamacala.
Amaphoyisa aphenya amacala okubulala angu-155, angu-51 okuzama ukubulala, angu-77 okusabisa kanye nangu-12 okusonga uzungu lokubulala.
Kumakhansela angu-52 asocongiwe angu-31 awe-ANC, angu-14 awe-IFP, amane aweNFP kanti kwi-EFF nakwi-ACDP kusabulawe ikhansela elilodwa eqenjini ngalinye.
Uthe okubakhathazayo wukuthi amacala athatha isikhathi eside ethethwa ezinkantolo kanti bafuna kusungulwe izinkantolo ezizobhekana nala macala ukuze ezothethwa ngokushesha.
Lezi zinkantolo zizokuba sezifundeni ezine kanti kulindeleke ukuthi ziqale ukusebenza ngonyaka ozayo.