ZIBAMBE ongezansi izakhamizi zaseNingizimu Afrika kuvela izindaba zokwesula esikhundleni kwesikhulu esiphezulu se-Eskom. UMnuz Andre de Ruyter kubikwa ukuthi useshiyile esikhundleni, okwenzeke ngesikhathi izwe libhekene nenkinga yokunqanyulwa kukagesi.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi kumele nabanye ongqongqoshe bamlandele, okubalwa noMnuz Gwede Mantasha.
"Umengameli kumele aqoke uGwede njengesikhulu esiphezulu se-Eskom. Ubukeka enazo zonke izimpendulo ngezinkinga ze-Eskom, ngakho ufanelwe yilo msebenzi," kusho uGary Gower.
"Bekufanele engabe wuGwede lona osulile," kusho uMs Swanepoel.
"Ubevele engenamsebenzi walutho," kusho uMatumba Dakalo.
"Abantu okuyibona abawumsuka wayo yonke le nto kabesuli futhi kabasoze bavuma (ukwamukela) ukwehluleka kwabo kwansuku zonke," kusho uColin Garton.
Lezi zakhamizi zisho kanje kulandela ukuthi uMantashe ephumele obala wasola izikhulu ze-Eskom ngokuhluleka ukuqhamuka namasu aphusile okuxazulula inkinga kagesi kuleli.