WAYEBHEKENE nenkinga yemali owesifazane owayengumsebenzi woMnyango wezaseKhaya obhekene noxhaxha lwamacala okudayisela abantu bokufika omazisi nama-passport.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Ben Dlamini ongummeli kammangalelwa, uNksz Judy Zuma (47), ovele eNkantolo yamaCala athinta iMali, eThekwini, ngoLwesihlanu.
Bekulindeleke ukuthi agwetshwe kodwa iJaji Davis Gather, lacela ukuthi lokhu kwenzeke ngoLwesine, kuleli sonto.
Lo wesifazane ubhekene namacala angu-1 159 awavuma wonke.
Kuwona kubalwa awenkohlakalo, ukukhwabanisa, ukudayiswa komazisi nama-passport nokuphula umthetho olawula ukungena nokuphuma kwabantu bakwamanye amazwe.
Kuvele ukuthi iyinye i-passport wayeyidayisa ngo-R4 000. Ibalelwa ngaphezu kuka-R770 000 imali ayenza edayisa ama-passport.
Ungaphandle ngebheyili ka-R6 000.
Lawa macala kuvele ukuthi wawenza ngesikhathi esasebenza emahhovisi aseRichards Bay. Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-2021.
UDlamini unxuse inkantolo ukuba imshaye ngesigwebo esincane ummangalelwa ngenxa yokuthi akazange asichithe isikhathi sayo.
Uqale ngokuvezela inkantolo umnyombo athe yiwona owaholela ekutheni uNkk Zuma agcine esengene ogibeni lokudayisa ama-passport.
"Wayebhekene nenkinga yokungabi nayo imali ekubeni kunguyena umuntu owondla umndeni wakhe. Yingakho kwathi uma kukhona abamyengela oPhathe kwaba lula ukuthi avume,'' kusho uDlamini echazela ijaji.
Uthe ucela inkantolo imcabangele uNksz Zuma kunoma yisiphi isigwebo ezosikhipha.
"Kumele inkantolo ikubheke ukuthi lo muntu esikhuluma ngaye lapha akasisona isigebengu esiyingozi kodwa ngumuntu nje wesifazane owazithola engena ekulingweni,'' usho kanjena.
Omunye wesifazane okuvela ukuthi wayengungqondongqondo esebenzisana noNksz Zuma, uNksz Zime Shange, usevele usezikhindini ngamacala afanayo.
UMshushisi uSenior Advocate Abbey Lesholo uthe kungakuhle uma inkantolo ingamnikeza isigwebo esinesisindo uNksz Zuma.
Uthe ngokwenza kanjalo inkantolo iyobe idwebe isithombe esicace bha nakwabanye abacabanga ukuthi benze okufanayo.
Kunabanye besilisa ababili baseCongo okungoMajari Kahwere (25), noJohn Majani (44) abalahlwa ngamacala, okukholakala ukuthi babesebenzisana noNksz Zuma.
UMorshed Alam (25) noSaiful Islam Sujon (43) baseBangladesh, nabo abalahla amacala.
Bese kuba omunye wesilisa wakuleli, u-Oliver Whendle Huriiparsad, naye owalahlwa amacala.