ISINQUMO sokumisa owayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma kule nhlangano, bekuvele kuyizinhloso zakhe zokuthi asebenzise ikhadi lokudatshukelwa.
Lokhu kuvezwe ngabahlaziyi bezepolitiki, abathe kufezeka iqhinga lakhe uZuma, ukuze azuze ukwesekwa ngabantu.
Ungoti kwezokuphatha futhi ongumhlaziyi ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kuhlale kuyiqhinga likaZuma ukuthi ahlale ebukeka njengomuntu ohlukunyezwayo.
“Ngeke kumangaze ukumuzwa esethi kukhona abalalelwayo uma bezwakalisa izikhalazo zabo kwi-ANC kodwa yena uyazitshwa. Lokhu kuyokwenza ukuthi abalandeli bakhe baqhubeke nokuzwelana naye futhi kwenyuse nesasasa eqenjini alesekayo, Umkhonto weSizwe.”
UKhumalo usho lokhu nje emuva kokuba uNobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ememezele ukuthi bayabumisa ubulungu bukaZuma enhlanganweni ngoba waphumela obala ngokuthi nakuba eseyilungu le-ANC kodwa uzovotela iMK.
Umatasa kulezi zinsuku wehla enyuka ekhankasela iMK ukuthi idle umhlanganiso okhethweni.
Omunye umhlaziyi uDkt Levy Ndou, uthe uZuma wazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke akwazi ukungenela esobumengameli kwiMK nakwi-ANC ngeke esakwazi ukubuyela emandleni ngoba sadlula isikhathi sakhe.
Uthe usebenzisa wonke amaqhinga ukudida abalandeli be-ANC ngoba efuna ukuthi ingabuyeli emandleni.
“Bekuvele kuyizinhloso zakhe ukuthi amiswe, ukuze kube nabazomzwela, abonakale njengomuntu ohlushwayo. Ungumuntu ohlale enento azoyisho ukuze adatshukelwe ngabantu.”
Uthe uZuma useke waphatha amahlandla amabili kuhulumeni engumengameli, kubukeka sengathi wadinwa ngesikhathi umuntu ayemfuna ukuthi abe ngumengameli we-ANC, esekhala ngaphansi engqungqutheleni kaKhongolose ngoba wayefuna ukuba nesandla.
Ekhuluma nabezindaba umengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe ayibafaki amanzi emadolweni eyeMK.
Uthe uZuma usengumuntu okhululekile ngoba usenqume ukuya kwelinye iqembu.