OWADUMA ngokuhlaba ikhwelo ecaleni lokubulawa kowayengumholi we-ANCYL, uMnuz Sindiswa Magaqa, uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngenyanga ezayo, ngecala lokushaya owesifazane ozithwele.
UMnuz Thabiso Zulu waboshwa emva kokuba kuthiwa washaya owesifazane owayenezinyanga eziyisikhombisa ezithwele nokuthiwa wayekhankasela isikhundla sokuba yikhansela, esigamekweni esenzeka ehholo lomphakathi eHanniville, ngoSepthemba.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, uthe uZulu ubevele enkantolo efanayo ngesonto eledlule, wadedelwa ngebheyili kanti kulindeleke ukuthi aphinde avele ngoNovemba 9.
“Sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukubika bonke ubugebengu, uphinde unikeze ulwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi avalele izigilamkhuba,” kusho uNaidoo. Uthe uZulu waboshwa abophiko olubhekelele udlame lwezepolitiki emva kokuba kwenziwe uphenyo.
UZulu waduma ngokuhlaba ikhwelo ngokubulawa kowayenguNobhala-Jikelele we-ANCYL, uMagaqa, eveza nenkohlakalo ayethi yenzeka kuMasipala waseMzimkhulu nakuMasipala waseMsunduzi.
Ubeseke waphumela obala wagxeka uhulumeni ngokungavikelwa emva kokuba eveze okuthile ngokufa kukaMagaqa, waveza ukuthi uzizwa engaphephile. Ngonyaka odlule ubeke waboshwa kodwa wadedelwa ngebheyili kaR500 ngamacala okususa uthuthuva emphakathini nokwesabisa, emva kokubandakanyeka embhikishweni womphakathi wokukhala ngezidingo ku-ward 29 kuMasipala waseMsunduzi.