INDODA eboshewe icala lokubulala ‘owashela’ intombi yayo ehostela KwaMashu, inikwe ithuba lokuya esibhedlela iyofuna isiqiniseko sokuthi yalashwa khona mhlazane iphukile.
UMnuz Sbongiseni Njabulo Khoza uzoziyela mathupha esibhedlela i-Victoria Mnxenge, ebiyaziwa ngeKing Edward VIII, ayofuna amaphepha okulashwa kwakhe.
Uyaphika ukuthi nguye owadubula wabulala uMnuz Sizwe Petros Zungu (40) ngoNovemba 2021, ehostela laKwaMashu.
UKhoza watshela iNkantolo yesiFunda yaseNtuzuma efakaza ukuthi wayegodle ukhonkolo ngengalo ephukile, wayengawubamba kanjani umkhono wekati athathe impilo kaZungu?
Waphinde wathi ngesikhathi sesigameko wayekade esentombini eMlaza.
Imantshi uRavi Pillayi, ngoLwesithathu, ikhiphe umyalelo wokuthi umphenyi wecala ayofaka isicelo sokukhipha uKhanyile ejele laseWestville bese eya naye esibhedlela.
Kuvele nokuthi uKhoza usemelwe ummeli omusha yize icala selifike ngasemaphethweni. Lo mmeli ucele ukunikwa isikhathi afunde imininingwane yecala. Sekusele kufakaze udokotela owelapha uKhanyile ephukile obizwe imantshi.
UKhoza wayekade efake isicelo sokuthola imininingwane ukuze aqinise ubufakazi bakhe bokuthi akazani nokubulawa kukamufi.
UMbuso uyavuma ukuthi uKhoza waphuka futhi walashwa kodwa akwenzekanga ngesikhathi sokubulawa kukamufi. Usola uKhoza ngokuqondanisa izigameko ngenhloso yokuzihlangula.
Umfowabo kamufi owabona ebulawa, uMnuz Zubise Zungu, wathi nguKhoza owadubula futhi ngamampunge ukuthi wayephukile efake ukhonkolo.
Wachaza umufi njengemvu, eyayinothando lwabantu idabuka KwaMaphumulo, kodwa ehlala ehostela ukuze asondelane nomsebenzi wokuba unogada.
Wasola ukuthi umufi wabulawela ukuthi washela owesifazane oyintombi kaKhoza amchaza ngomgulukudu owayesatshwa ehostela negenge yakhe.