INHLOKO yamajaji esibeka phansi imijiva yezobulungiswa, uRaymond Zondo, iveze imfihlo yamajaji nezimantshi uma kuziwa ezinqwumeni nasezigwebeni ezikhishwa yizinkantolo.
Udalule ukuthi ezinye zezigwebo azikhiphayo - kwesinye isikhathi - asuke yena mathupha engahambisani nazo.
Uthe kodwa baphoqwa nguMthethosisekelo okuyiwo obekwe phambili ukuthi bakhiphe lezi zinqumo nezigwebo.
"Amajaji nezimantshi ngeke aphumele obala aveze ukuthi isigwebo noma isinqumo esithile asuke esikhiphile, awahambisani naso. Esikwenzayo sisuke sibuswa nguMthethosisekelo wezwe okumele siwulandele,“ kusho uZondo.
Ukusho lokhu izolo, ethula inkulumo yokuvalelisa eNkantolo yoMthethosisekelo, njengoba ethatha umhlalaphansi ekupheleni kwenyanga.
UZondo onconywe nxa zonke ngamava akhe okusebenzela ezobulungiswa, wavuma ukuthi uzakhele inqwaba yezitha ngalesi sikhathi.
Uthe amajaji nezimantshi akumele afune ukuduma noma anconywe ngabezindaba ngoba umsebenzi wawo ukuqinisekisa ukuthi umthetho ubekwa phambili.
Unxuse ozakwabo ukuthi babeke phambili uMthethosisekelo wezwe.
“Yinto eningangihlonipha ngayo njengoba sengibeka phansi izintambo ukubeka phambili umthetho wezwe. Ngifisa ukuthi singaphinde sibuye isihlava sokulawulwa kombuso yidlanzana,” kusho uZondo.
Othatha izintambo kuZondo, iJaji uMandisa Maya, likhale ngokuthi kuzovuleka igebe ngokuhamba kukaZondo.
Lithe baneminjunju ngokuhamba kukaZondo lathi basebenze kahle naye.
“Ngesikhathi sakho ufukule inqwaba yabantu besifazane kwezobulungiswa, bakhethelwa ezikhundleni eziphezulu. Wenze nezinhlelo zokweseka amajaji nabameli besifazane.”
Uthe bezomkhumbula ngemisebenzi yakhe emihle njengoba eyibekile induku ebandla.
USomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, uthe bayaziqhenya ngomsebenzi omuhle owenziwe nguZondo.
Uthe wenze umsebenzi omuhle muva nje ngesikhathi kuvulwa iPhalamende, kufungiswa amalungu amasha kanjalo nangesikhathi kukhethwa umengameli wezwe.
UNkk Didiza uthe akusoka lingenasici njengoba kukhona ezinye zezinqumo zikaZondo ababeshaya amakhala ngazo.
UZondo uthe bonke omengameli bezwe ngaphansi kwentando yeningi bamqokela ezikhundleni ezehlukene kubalwa noMnuz Jacob Zuma.