INKANTOLO yeMantshi yasePitoli igwebe umlisa odabuka eMalawi uMlotha Nelson Usale (59) ophinde abe ngumfundisi weGods Chapel Church iminyaka engu-10 ebhadla ejele ngamacala okweba ingqalasizinda ebalulekile neminyaka engu-8 ngamacala amathathu okukhwabanisa.
Kusukela ngo-2021 kuya kuMeyi 2022, u-Usale ubehola iqembu lemigulukudu elintshontsha amabhethri ezinkampanini ezahlukene ze-network yakwaVodacom ne-MTN ezweni lonke, eshintsha indlela yokuphatha amabhethri kubakhiqizi abahlukene, aphinde apende amabhokisi ebhethri ezama ukufihla imvelaphi yangempela yamabhethri ukwenza kubukeke sengathi amabhethri elanga athengiswayo.
Ngemuva kwalokho, lawa mabhethri ubewadayisela abathengi ngokufaka izikhangiso ezinkundleni zokuxhumana ngaphansi kwebhizinisi elibizwa nge-SOLAR MART ne-SUN SHOP.
Uma ikhasimende selithengi lawa mabhethri ubeletha ngokusebenzisa izimoto ezikhokhelwa ngebanga.
Lo mkhonyovu wakhe uze watholakala ngesikhathi kukhononda elinye lamakhasimende akhe lithola ibhethri elingasebenzi. Leli khasimende labonisa umngani ibhethri owamchazela ukuthi yi-network battery.
Umgilwa wabikela amaphoyisa ngodaba, nawo aphinde acupha umgoga okwaholela ekutheni kuboshwe abanye abantu ababili baseMalawi, ngoMeyi 2022, asebegwetshwe iminyaka engu-8 umuntu ngamunye ngoJulayi 11, 2023.
Laba ababili bakhombisa amaphoyisa endaweni yokugcina impahla eMidrand, lapho begcine khona amabhethri ebiwe, amaphoyisa athola khona amabhethri angu-53.
Ngemva kwalokho, bobabili bathatha amaphoyisa bawayisa ezindaweni abadayisela kuzo amabhethri.
Ngemva kokuboshwa kwalaba ababili, kwakhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kuka-Usale, nokho, weqa izwe wabuyela eMalawi. Wagcina eboshiwe ngoJanuwari 25, 2024 emngceleni we-Beitbridge ezama ukweqa izwe futhi.
Enkantolo uwavumile amacala wathi uzokhokha inhlawulo ka-R200 000 ngalawa macala. Kodwa-ke umshushisi u-Advocate Tholoana Sekhonyana, wakuchitha lokho wathi amacala awenzile adinga isigwebo sokugqunywa ejele.
Ngaphezu kwalokho, ubugebengu obenziwe babangela ukuphazamiseka kwe-network futhi kwadla abahlinzeki i-MTN neVodacom imali eningi ukuze kushintshwe amabhethri antshontshiwe.