KUPHOTHULWA amalungiselelo okwethula umhlahlandlela weNFP wokhetho okulindeleke ukuthi ube soLundi ngesonto elizayo. Amaqembu amatasa alungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 nonyaka lapho okuzoqophiswana khona.
Amaqembu amaningi asevele ayethulile imihlahlandlela yawo yokhetho futhi abebukeka egxile kakhulu esifundazweni KwaZulu-Natal esibukeka siyinyama.
INFP ehlala ihlaselwe yizinkinga zombango ifakana ezinkantolo, ithi iyaya okhethweni futhi iphezu kwemizamo yokuphundla izinkinga eziyihlasele.
Isiyikhokhile imali yokungenela ukhetho efunwa yi-IEC yalandela yonke imibandela. INFP ithe yasheshe yakhokha izama ukugwema ishobolo elayehlela ngo-2016 ngesikhathi yehlulwa wukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya.
Umsunguli weNFP ongasekho uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi udabuka oLundi nokulapho umhlahlandlela weqembu uzokwethulelwa khona.
UNkk kaMagwaza-Msibi ushone ngo-2021 emuva kokugula okwase kumphathe isikhathi eside.
INFP ikhiphe isimemezelo sokuthi umhlahlandlela wayo wokhetho izowethula ngoMgqibelo ngo-Ephreli 20, oLundi lapho izochazela khona izwe ngezethembiso zayo.
UMengameli weNFP uMnuz Ivan Barnes uthe umcimbi wokwethula umhlahlandlela uya oLundi kodwa basazama ukuqedela izinto ezimbalwa ngamalungiselelo.
INFP eyihlubuka le-IFP yasungulwa ngo-2011 emuva kokuthi uNkk kaMagwaza-Msibi ekhonjwe indlela emva kokulahlwa ngamacala angaphakathi. Wayeyisethenjwa se-IFP ephethe isikhundla esiqavile sikasihlalo kazwelonke.
Le liqembu liya okhethweni nje linezihlalo ezimbili ePhalamende likazwelonke kanti lizimisele ukubuyisa abalandeli nabavoti abalihlamukile.
INFP ingenisa oLundi nje, idedelana ne-IFP ekade yethula umhlahlandlela wayo wokhetho wesifundazwe.
Nayo ibikwenza lokhu lapho okudabuka khona umsunguli wayo ongasekho uMntwana waKwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi.