UZONGCWATSHWA emathuneni asekhaya, eMthatha, e-Eastern Cape ngemuva kwePhasika owesifazane owashiswa nemoto emathuneni aseMolweni eThekwini, ngo-Ephreli 3, 2020.
Lokhu kuvezwe uyise kamufi, uMfu Thanduxolo Warren Bada (72) ngesikhathi enengxoxo neSolezwe mayelana namalungiselo omngcwabo.
Umufi uNkk Khulukazi Ndlovu (39) wabulawa wumkhwenyana wakhe uSifiso “Nandos” Ndlovu emva kwezinkinga eziningi ababenazo eshadweni. Ezinye zazo zanekwa enkantolo ngesikhathi kuqulwa icala.
UNdlovu wagwetshwa udilikajele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngonyaka odlule.
Ngesikhathi elahlwa ngecala, wachazwa yijaji njengowesilisa ononya ongenalo uzwelo futhi ozicabangela yena kuphela.
Ngosuku agixabezwa ngalo ngodilikajele uNdlovu, ilungu lomndeni wakhe laquleka enkantolo lakhihliza amagwebu, kwaphazamiseka ukusebenza kwenkantolo.
Umlotha nezingcucu zamathambo kamufi bekugcinwe emakhazeni sonke lesi sikhathi.
UBada uthe uzolanda izinsalela uma izinsuku sezisondele. "Sizomba umgodi bese sifaka umlotha phakathi. Lona ngifuna kube wumngcwabo osezingeni eliphezuliu futhi ohloniphekile,''usho kanje.
Uthe kunezinto ezingamasiko akade ematasa ngazo obekumele noma kanjani azenze njengenhloko yekhaya ukuqikekela ukuthi okwehlele umufi akubi wumkhokha ebantwaneni bakhe.
"Okuhle wukuthi sizokwazi ukuthi sikhombe ukuthi ufihlwe kuphi umntanami,''usho kanje.
Udadewabo kamufi, uNks Qaqamba Bada uthe kubathoba izinhliziyo ukuthi udadewabo usezofihlwa ngemuva komzukuzuku wecala.
Uthe lokhu kuhle kodwa akusoze kwalibaleka ukuthi udadewabo wabulawa ngesihluku esikhulu.
“Udadewethu wabulawa ngumuntu esasimethemba, umuntu okwakumele ngabe uyamvikela kodwa kwaba nguyena ombulalayo. Lokho kusekude kabi ukuthi sikukhohlwe,’’usho kanje.