UZOCHITHA isonto egqunywe ezitokisini uMphrofethi Paseka ‘Mboro’ Motsoeneng obhekene noxhaxha lwamacala angu-12 okukhona kuwona nelokushaya, elokusabisa nokuthumba.
Uvele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge izolo nomqaphi wakhe uMnuz Vincent Baloyi nendodana yakhe uMnuz Revival Motsoeneng.
Icala lihlehliselwe u-Agasti 16 ukuze kuqhubeke uphenyo futhi abasolwa bacele ibheyili.
Bekunamaqembu amabili ngaphandle kwenkantolo okungelamakholwa abezokweseka abasolwa, abecula ethandaza nangezilimi efuna bakhululwe.
Bekukhona nelinye lamalungu omphakathi ebelicula amaculo omzabalazo lizophikisana nokuthi badedelwe.
Ukuboshwa kwabo kusuka esigamekweni esibonakale kwi-video lapho uMboro egasele nobhushu esikoleni iMatshediso Primary, eKatlehong ngoMsombuluko wasabisa othisha nabafundi.
Bashaye bachitha nabafundi ababili okuthiwa ngabamshana kaMboro. Ingxabano kuthiwa iphakathi kwemindeni emibili ezala lezi zingane engaboni ngasolinye mayelana nokukhuliswa kwazo.
INational Prosecuting Authority ithi unogada kaMboro uthweswe namacala okungelokuphatha isibhamu esingekho emthethweni, esingavumelekile, elokukhomba umuntu ngaso nokusiqhumisa. Laba abathathu bathweswe namacala okusabisa.
INPA ithe uphenyo lwayo luyaqhubeka futhi kungenzeka yengeze amanye amacala.
Khonamanjalo kuvela ukuthi ugogo nomalume balezi ngane bavelile nabo kule nkantolo ngecala lokushaya okuthiwa balivulelwa uMboro.
Inkantolo ibadedele ngebheyili kaR1 000 umuntu emunye. Icala labo eliqulwa ngokwehlukana nelikaMboro libe selihlehliselwa uSepthemba 10.
Kuvela ukuthi amaphoyisa aphenya necala lokushisa emuva kokuthi umphakathi ungqongqise isonto likaMboro ngoLwesibili.