UZISHAYA isifuba uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngokuthi uzokhuza ibuya kuhulumeni, uma sekuqala ihlandla elisha emva kokhetho.
URamaphosa uthe kuningi okwenziwe kuleli eminyakeni engu-30 edlule, ekubeni kube nezinselelo eziningi okubalwa kuzo ubhubhane iCovid-19, izikhukhula, izehlakalo zokwanda kobugebengu nezinye.
Umengameli wezwe uthe kukho konke lokho, izwe aliguqanga ngamadolo.
“Zizosukuma kakhulu izinto kuhulumeni ozongena ngemva kokhetho. Ngizobe ngiyingxenye kahulumeni olandelayo,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa ukusho lokhu ngoLwesibili, evula ingqungquthela ezobheka iqhaza lezinkampani ezihlomulisa abasebenzi ngamasheya, eSandton.
Ukhuluma kanje nje uRamaphosa, ubhekene nenselelo ephuma emaqenjini amaningi ahlose ukukhipha i-ANC emandleni. Amaqembu afuna kwehle ukwesekwa kukaKhongolose nokuthi uhulumeni uphathwe ngokubambisana phakathi kwezinhlangano zepolitiki ezehlukene kunokuthi kuphathe iqembu elilodwa.
URamaphosa uveze ukuthi ukunika abasebenzi amasheya kwenza ukuthi basebenze ngokuzikhandla ngoba basuke bengabanikazi baleyo nkampani.
“Kwakha umdlandla futhi kuba nobudlelwano obuhle ngoba abasebenzi basuke bezazi ukuthi bayingxenye yenkampani. Uma bengabanikazi bayaziqonda izingqinamba ezibhekene nezinkampani ukuze bazikhulise,” kubeka uRamaphosa.
Umengameli uqube wathi abasebenzi beza namasu okukhulisa ibhizinisi.
“Kumele sincome ukuthi noma sisincane isibalo sabasebenzi abanamasheya ezinkampanini abasebenza kuzona kodwa ikhona inhlansi yethemba. Banguhhafu wesigidi kuleli abasebenzi abanamasheya lapho besebenza khona. Lokhu kusho ukuthi umsebenzi oyedwa kwabangu-20 emkhakheni ozimele, unamasheya enkampanini ayisebenzelayo,” kusho uRamaphosa.
Wengeze ngokubalula izikhathi lapho ayehola khona abasebenzi ababeyinkukhu nempaka nomqashi.
“Kwakuthi uma sizohlangana nabaqashi singasebenzi, bangafuni ngisho ukuphuza itiye, bathi ngeke baliphuze itiye lezitha. Abasebenzi babebuka abaqashi njengezitha zabo. Kodwa kwakuthi uma isidonsa imihlangano, bagcine abasebenzi beliphuzile itiye labaqashi nama-semishi ayesuke ethengiwe,” kusho uRamaphosa.
Uqhube wathi nangesikhathi engumholi wenye yezinkampani, abasebenzi bamcela ukuthi abanikeze iqatha lokuthi babe namasheya ukuze basebenze ngokuzikhandla.
“Bathi uma bengathola nje okuncane, bangangena noma yikuphi lapho kungangeneki khona. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi bazinikela kakhulu uma bazi ukuthi nabo kukhona abazokuzuza.”
URamaphosa uncome osomabhizinisi abancane abaphethe amabhizinisi ukuthi badela konke ukuze amabhizinisi abo athuthuke.
Umengameli usonge ngokuthi uhulumeni wentando yabantu usebenze ngamandla ukuphucula umnotho ngoba phambilini abamnyama babevalelwe ngaphandle ngenxa yemithetho yobandlululo.