UMCULI uZandie Lorraine Khumalo uthi sekuseduze yena, nomndeni wakhe baphumule ngoba kunenqubekela phambili ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates.
UMeyiwa wayeqonywe ngumculi uKelly Khumalo futhi banengane, nongudadewabo kaZandie, wadutshulwa ngo-Okthoba 2014, ekubo kwezelamani eVosloorus ngo-2014.
NgoLwesine iJaji uRatha Mokgoatlheng elangemele icala, eliqulwa eNkantolo eNkulu yasePitoli, likhiphe isinqumo mayelana nokwamukelwa kobufakazi bezitatimende zokuvuma icala okwenziwa ngabasolwa ababili, kwabahlanu ecaleni, okuthiwa kwenziwa nguMuzikawukhulelwa Sibiya noBongani Ntanzi.
Ijaji linqume ukuthi abasolwa benza izitatimende ngaphandle kokuphoqwa. Ngemuva kwesinqumo, uZandie ongomunye wofakazi ecaleni, utshele iphephandaba ukuthi isinqumo sisho lukhulu kubo.
“Kutshengisa ukuthi indlela yombuso yokuvalela abenzi bobubi ayisezokuba nasiphazamiso. Kunenqubekela phambili.
“Isikhathi samanga nemidlinzo sesiphelile manje, sikhuluma ngamaqiniso nobufakazi. Sekuseduze phambili nami nomndeni wami siphumule, silivale leli khasi futhi ngiyathemba kuzokwenza okufanayo emndenini kaSenzo,” kusho uZandie owaqala engumdansi oweseka udadewabo uKelly, ngaphambi kokucula ngokuzimela.