UYOKHOHLWA efile owesifazane ozwe umndeni wakhe ukhala, ufuna usizo uhlaselwa eMaqongqo ngaphandle kwaseMgungundlovu.
UNkk Fihleleni Maphumulo, ubesendleleni evela kwamakhelwane ephuma konana ikhandlela alisebenzisa uma elala, ngesikhathi ezwa kuqhuma izibhamu.
Kulesi sigameko kudutshulwe amalungu akhe amahlanu, kwashona indodakazi uNksz Kwenzi Maphumulo (29) nomzukulu wakhe, uMelokuhle (2).
Lokhu ukusho kade evakashelwe omakhelwane bezobhonga emswaneni emzini wakhe, izolo.
“Ngiyokhohlwa ngifile into engivelele ngizwa izingane zami ziqothwa ngenhlamvu, zikhala zibiza mina, zicela usizo. Kunzima okusehlele,” kusho uNkk Maphumulo.
Uthe umyeni wakhe usesimeni esibucayi esibhedlela njengoba inhlamvu yesibhamu isabhajwe esifubeni.
Indodakazi yakhe uVelile yona obekulindeleke ibelethe kule nyanga, idutshulwe ngezansi kwesisu. Umakoti wakwaMaphumulo, uNksz Nomfundo Goge, yena kuthiwa udutshulwe eqolo.
UMnuz Thembinkosi Maphumulo, ongumfowabo kaKwenzi, uthe uyasola ukuthi bekufunwa yena njengoba kube nesigameko sokuhilizisana nabafana bakwamakhelwane.
SIKHULU isililo emndenini wakwaMaphumulo eMaqongqo kulandela ukudutshulwa kukaNksz Khwenzi Maphumulo nendodakazi yakhe uMelokuhle ngeSonto ebusuku
“Bekufe iphampu yamanzi lapha ekhaya, ngabe sengithinta umfana wakamakhelwane ukuba azongisiza ayilungise. Wathi angizomlanda ngoba ulimele. Uma ngifika kubo, wangitshela ukuthi ushaywe abanye abafana abangomakhelwane bethu. Ube esecela ucingo lwami ukuze ashayele ucingo amaphoyisa. Uthe eqeda nje ukukhuluma namaphoyisa wathintwa yibona abafana, bethi bacela aze kubona kuzoxoxiswana. Ube esecela ngimphelezele. Sithe sifika babe bemphusha, belwa naye. Ngingenelele ngathi kanti bambizele ukumshaya futhi? Babe sebengishaya nami. Ngilwe noyedwa, wathi ekhipha isibhamu sawa. Yilapho sicoshwe omunye umfowabo ethi uyangidubula kwadubuleka umfowabo ebengilwa naye,” kusho uMaphumulo. Uthe ube sesuka ehamba nomfana naye beya esiteshini samaphoyisa beyobika ngokwenzekile.
USOLA ukuthi bebefuna yena abahlasele umndeni wakhe uMnuz Thembinkosi Maphumulo Isithombe: BONGANI MBATHA
Amaphoyisa acele ukuba baye esibhedlela ngoba elimele kakhulu.
“Ngisesibhedlela, ngithole ucingo oluvela kudadewethu lo oshonile, ethi uzwa kunabantu ngaphandle ekhaya. Ngithe abahlale endlini bangaphumi. Emuva kwemizuzu emihlanu ngibe sengithintwa unina wezingane ethi sebedutshulwe bonke endlini,” kusho yena. Uthi udaba lokuthi bekubangwa utshwala emngcwabeni akalwazi.
Amaphoyisa athe asaphenya ngalesi sigameko, akekho osaboshiwe.