UNEPHUPHO lokuba unjiniyela ohlonishwayo kuleli nakwamanye amazwe, umfundi oqokwe ukuba ayomela elakuleli emqhudelwaneni wamazwe omhlaba, i- International Science Technology Engineering Competition, ozokuba se-Indonesia ngenyanga ezayo.
USiqiniseko Mpontshana (20) waseNdumo kuMasipala Umkhanyakude, ofunda u-Grade 12 eMandla Mthethwa School of Excellence, uqokwe ohlelweni i-Eskom Expo for Young Scientists olukhuthaza ukuqhamuka namakhono nezinto ezintsha ezingalekelela umphakathi kanti umqhudelwano uzothatha izinsuku ezintathu phakathi kukaMeyi 2 no- 5.
Engxoxweni neSolezwe, lo mfundi oseke wadla umhlanganiso emiqhudelwaneni yakuleli ngombukiso wakhe wemoto azisungulele yona, uthe isifiso sakhe ukuba yi-Megatronic Electrical Engineer.
“Ngiqale ukuba nombono wokwakha le moto ngisemncane kakhulu ngifunda amabanga aphansi eJozini Primary. Ngesikhathi ngikhula, ngenza nocwaningo, bengilokhu ngiqhubeka nokuthuthukisa umsebenzi wami okuthe ngo-2021 ngathola indondo yethusi ezingeni lesifunda emqhudelwaneni we-Eskom Expo for Young Scientists,” usho kanje.
Uthe uphinde wawungenela ngonyaka olandelayo esethe ukuthuthukisa umsebenzi wakhe, wahlomula ngendondo yegolide, okumvulele amasango njengoba eqokwe ukuthi abe yingxenye yososayensi abahambele i- International Science Fair eGoli nyakenye.
USiqiniseko, ongumagcino kwabo ezinganeni eziyisikhombisa, uthe umbono wokwakha imoto esebenza ngogesi edonsa inqola ngaphandle kokuthi ixhunywe kuyo umfikele ngoba abantu abaningi abakwazi ukushayela izimoto ezidonsa izinqola.
“Amanani ka-phethroli ayanyuka, ngakho uhlobo lwemoto enje lungaba yisisombululo. Ngiphinde ngabona indlela izingozi ezanda ngayo emigwaqweni okudalwa ubudedengu babashayeli ngabona ukuthi uma kungasungulwa imoto ekwazi ukuthi izishayele zingancipha,” kulandisa yena.
Okunye akufakile, umayibuthe ovimba ukuthi imoto ingasondeli kakhulu kwenye athi kungehlisa ukushayisana kwezimoto kanti imoto yakhe iyashajwa isikhathi esingangemizuzu eyishumi kuphela.
Yize kumthokozisa ukuthola isimemo, kodwa uthe leli thuba eliyingqayizivele lingamphunyuka ngenxa yesimo somnotho njengoba kungekho muntu osebenzayo kwabo.
Ngokwencwadi eshicilelwe abenkampani, i-Eskom izokhokha izindleko zika-R45 000 okubalwa kuzona ukukhokhela uhambo, indawo yokulala nokudla bese kuthi oqokiwe ahlangabeze ngo-R6000 kuphela.
Unina uNkk Ntombiziphi Mpontshana uthe ngesikhathi bethola ukuthi indodana yabo ithole ithuba lokuyokhangisa umsebenzi wayo phesheya iqhudelana nezincitha-buchopho zakwamanye amazwe, kube yizindaba ezibajabulisa kakhuku ekhaya.
“Uvele ungumuntu ozimiselayo uma enza okuthile. Ukhule ewumuntu othandayo ukusebenza ngokuzimisela futhi ethanda izinto ezithinta ubuchwepheshe. Nokho sisadidekile ukuthi sizokwenzenjani ngezindleko zohambo njengoba kukhona imali okudingeka ukuthi ayikhokhe kuqala ewu- R6000 ukuhlangabezana ne-Eskom, ezokhokhela uhambo, ukudla nendawo yokulala,” usho kanje.
Uthe njengoba lesi simemo bebengasilindele, okwamanje ubamba uyayeka, ngakho ufisa noma ngubani ongalekelela ekufezweni kwephupho lendodana yakhe.