IHHOVISI likandunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, linxusa abantu abamfisela ukululama okusheshayo ukuba bangayi ukuyombona esibhedlela. Kuthiwa kumele aphumule angaphazanyiswa.
Kukhishwe isitatimende ngemva kwemibiko ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, ebidalula ukuthi undunankulu wesizwe sakwaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi, uxinekile esibhedlela.
UNksz Liezl Van der Merwe, okhulumela ihhovisi likandunankulu, uthi phansi amaphaphu, akonakele lutho.
“UMntwana ubeye esibhedlela ngoba eyohlolwa ngokujwayelekile futhi ekhala ngobuhlungu beqolo,” kusho uNksz Van der Merwe, esitatimendeni esithunyelwe abezindaba.
Udalule ukuthi yize uButhelezi ededelwe esibhedlela, kudingeke ukuba abuyele ukuze ayoxilongwa futhi aze aphole.