NKOSIKHONA CELE
WELULEKWE kabanzi umfundisi webandla labasindisiwe, i-Acts of Obedience Ministries (AOM), ngesikhathi ebopha ifindo likasofasilahlane.
UMfundisi Bhuti Mbuthumo ubebopha ifindo lomshado noNksz Nonhlanhla Maphumulo, kanti umshado ubuhlelelwe esizindeni sebandla esiseNew Germany.
Umholi webandla uMfundisi Thandie Ngonelo, ubeluleke ngesineke bobabili kepha waqondisa kakhulu encekwini yeNkosi, eyihlomisa ngeziyalo ezinqala engazisebenzisa emshadweni.
Eqhulwini uyale uMbuthumo ngokuthi kumele azi ukuthi emshadweni kuyaxolwa.
"Ngifuna ukukuxoxela mina ukuthi njengoba ushada nalo wesifazane zikhona izinto ezizobonakala zivuka maphakathi nendlela. Kodwa kumele wazi ukuthi kuyaxolwa emshadweni,'' usho kanje uMfu Ngonela.
Waqhubeka wamyala ngokuthi enze isiqiniseko sokuthi uyazidongcula izinto ezibonakala zingaba yisithiyo emshadweni wabo.
"Uyabona mfundisi uma kukhona into ema endleleni yomshado wenu kodwa ubona ukuthi unamandla okuthi uyigudluze, ubomane wenze kanjalo,'' kweluleka uMfu Ngonela.
Inkulumo kaMfu Ngonela, yokugudluza into ethikameza umshado uyiyamanise nesibonelo sowesifazane owayeshadile kodwa ethanda kakhulu ithelevishini aze akhohlwe ukuthi unomyeni.
Uqhube walandisa wathi ngelinye ilanga unkosikazi wafika umyeni wakhe eseyikhiphile endlin ithelevishini.
UMfu Ngonelo uthinte nendaba yokubekezelelana emshadweni, wathi kuwumgogodla omkhulu ogcina umshado uphila isikhathi eside kakhulu.
UMbuthumo uthembise ukuthi uzomthanda futhi amnakekele umkakhe impilo yakhe yonke. Uthe kuningi kakhulu okuhle akuthandayo ngomkakhe.
"Ngiyakuthembisa mkami ukuthi ngizokuthanda, ngikunakekele kuze kube sihlukaniswa ukufa,'' usho kanje uMbuthumo, emfaka indandatho unkosikazi wakhe, maqede kwaqhuma umkikizo.
Akasalanga ngaphandle unkosikazi, naye wenze isethembiso esifanayo kumyeni wakhe.