I-DA KwaZulu-Natal isabisa ngokuya enkantolo iyomangalela uSomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, emsola ngokuyijikela ngesiphakamiso sayo sokuthi kuhlakazwe umkhandlu.
Umkhandlu weTheku uphethwe yi-ANC ngokubambisana ne-NFP, ne-EFF emuva kokuthi lingabanga khona iqembu elinqoba ingcaca.
Udaba lomkhandlu weTheku luwundabamlonyeni kanti phambilini kuke kwamenyezelwa ukuthi kungenelela uhulumeni kazwelonke. Kwamenyezelwa ukuthi kuzothunyelwa izinkunzi eziluvava kwezokuphatha ziyolekelela. I-DA ithi isixoxe nezinhlaka ezehlukene namanye amaqembu abakholwa wukuthi kufanele umkhandlu uhlakazwe.
I-DA yafaka isiphakamiso sokuthi kuvotelwe ukuhlakazwa komkhandlu weTheku, iwusola ngokwehluleka wukusebenzela abantu. I-DA ithi uNyawose useshaya izaququ ngemizuzu yokugcina.
USihlalo we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Mcpherson ukhulume ngodaba ngoMsombuluko esithangamini nabezindaba eThekwini. UMcpherson, ubehambisana noMnuz Thabani Mthethwa ohola ikhokhasi yeDA eThekwini.
Bekulindeleke ukuthi isiphakamiso sidingidwe emhlanganweni womkhandlu okufanele uhlale kusasa bese kuyavotwa.
Ngasekupheleni konyaka odlule ihhovisi likaSomlomo weTheku lavuma ukuthi udaba luzohlalelwa emhlanganweni womkhandlu bese kuyavotwa. I-DA ithe isanda kuthola incwadi kaNyawose ethi kukhona abasazama ukukucubungula nethimba labo lezomthetho.
UMcpherson uthe uma uSomlomo uNyawose engacacisi bazoya enkantolo bamphoqe ukuthi ahlalise umhlangano.
“Akuyi ngokuthi yena ufuna kwenzekeni futhi uma engafuni kuhlale umhlangano singafikisana ngisho enkantolo. Siyobehlula futhi kuyofanele akhokhe izindleko zenkantolo yena qobo lwakhe,’’ kuchaza uMcpherson.
USomlomo ushayelwe kaningi ocingweni lwakhe lungabanjwa, wathunyelelwa nemiyalezo yangaphendulwa. Uthe uma ezanywa futhi ucingo bese lungasangeni.
UMthethwa ohola ikhokhasi uthe bathole ukuthi uSomlomo uNyawose ushaya izaququ ngoba i-ANC iyesaba ukuthi ingase iketulwe emandleni.
“Inkinga ababhekene nayo wukuthi abazi ukuthi amakhansela e-EFF azovota kanjani. Kunenkinga yokuthi kukhona amakhansela abangasawethembi ukuthi azovota kanjani ngoba ayamaniswa neqembu, uMkhonto weSizwe. Uma bengavumi kuhlalelwe udaba sizothatha izinyathelo zomthetho,’’ kuchaza uMthethwa.