AKANWAYI ikhanda uma ebuzwa ngezifiso zakhe uNdunankulu omusha wesizwe sikaZulu, uMfundisi Thulasizwe Dominic Buthelezi, osanda kuqokelwa esikhundleni.
UShenge uqokelwe esikhundleni yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ngenyanga edlule, emcimbini wokukhumbula iMpi yaseSandlwana, eNquthu.
Uthatha isihlangu esisale emuva kokukhothama kwenkosi Mangosuthu Buthelezi ngonyaka odlule, nephathe isikhundla iminyaka ecela kwengu-70. Isikhundla sikaNdunankulu kaZulu sihlalile emndenini wakwaButhelezi njengoba nezinye izingwevu zakhona ezindala zake zasiphatha.
UShenge onguNdunankulu omusha, uhlale phansi neSolezwe wachaza kabanzi ngombono wakhe ngesikhundla esimqoka esisondele kakhulu eSilweni.
Ukuqokwa kwakhe yiSilo
UShenge uthi naye wayengazi, wezwa kanye nabo bonke abantu ngesikhathi iSilo simemezela ngomgubho weSandlwana.
“Ngethuka impela ngoba isikhundla esingaphezu kwami lesi. Kuwukubona kweSilo ukuthi siqoka bani futhi sinezizathu zokuthi kungani siqoka lowo muntu. Okwethu wukweseka isinqumo seSilo. Isibuko sami nesibonelo uMntwana wakwaPhindangene,’’ kusho uShenge.
Maqondana nabakhala ngokuthi uShenge ungusopolitiki, uthe akufanele kulokhu kucutshungulwa isinqumo seSilo. Uthe kodwa ungusopolitiki ovuthiwe okuqondayo ukwehlukanisa umsebenzi.
“Mina njengomholi oqavile we-IFP, angiboni ukuthi umsebenzi wami uzophazamisa noma ugxambukele emsebenzini wobuNdunankulu kaZulu. Umsebenzi kandunankulu ucacile futhi iSilo sikubeke kwacaca ukuthi silindeleni kimina.’’
Okuseqhulwini kuNdunankulu kaZulu
UNdunankulu kaZulu uthi isifiso seSilo wukuthi amakhosi aziphathele umhlaba, sekufanele siphele isikhathi sokuthi umhlaba uphathwe wuhulumeni eseCape Town.
“ ISilo sibona ukuthi amakhosi awanikwe ithuba lokuziphathela umhlaba. Asigcinanga lapho iSilo sixhumane neNational School of Governance ukuze amakhosi aqeqeshwe. Lokhu kuzobeka ubukhosi kwelinye izinga ukuthi amakhosi abe nezwi ekuphathweni komhlaba,’’ kuchaza uShenge.
Uthe okunye okuseqhulwini wukulwela ubumbano endlunkulu kaZulu, nakubo bonke abantwana. UShenge uthe kufanele kwenzeke lokho noma kanjani ngoba iSilo siwuphawu lobumbano.
“Kufanele babuyisane abantwana baseNdlunkulu bakwazi ukuzokweseka iSilo esihlalweni. Kufuneka uzinzo eNdlunkulu nasesizweni sikaZulu, lowo mthwalo usemahlombe ethu,’’ kuchaza uShenge.
Uqhube wathi uyazi ukuthi ngeke kube lula ukubambanisa phakathi kwabantwana ikakhulu ngoba kukhona umbango wobukhosi, wathi unethemba lokuthi abantwana baseNdlunkulu bazokuqonda ukuthi iSilo sikhona kufanele bonke bahlabele phambili.
UShenge uthe uyakuqonda ukuthi uthatha isihlangu ebesiphethwe yindoda enohlonze, uMntwana wakwaPhindangene ongasekho. Uthe uzibekele ukuphumelelisa zonke izifiso zoMntwana.
“Kunomsebenzi uMntwana wakwaPhindangene awushiye ungaphelile okuyindlu yobukhosi. Ukuguqulwa koMthethosisekelo ukuze umsebenzi wamakhosi waziwe. Ngisebenze eduze kwakhe iminyaka engaphezu kuka-20 ngafunda okuningi kuyena futhi ngithembe amakhosi ukuthi azongicathulisa lapho ngishoda khona,’’ kusho uShenge.
Uthe udaba lokubulawa kwamakhosi nezinduna luyinselelo enkulu okufanele kubhekwane nayo.
Ukuqokwa kwephini likaNdunankulu
ISilo siqoke Inkosi Phathizwe Chiliza kwesePhini likaNdunankulu kaZulu, ukuze isebenzisane noShenge. UShenge uthe iSilo siyihlabe esikhonkosini ngokuqoka Inkosi uChiliza. Inkosi uChiza ihambe kakhulu neSilo esidala. UShenge uthe inkosi uChiliza izobumba amaZulu.
“Ukuqokwa kwePhini likaNdunankulu kuzosiza kakhulu ngoba umsebenzi ubanzi ngeke ngikwazi ukusebenza isifundazwe sonke. Ukuqokwa kwenkosi eqhamuka ezansi nesifundazwe kuzolekelela nabantu bakhona ukuze babe nezwi ebukhosini,’’ kucacisa uShenge.
UNgubani uNdunankulu kaZulu omusha?
UMfundisi Thulasizwe Dominic Buthelezi uzalelwe KwaNongoma ngo-1981, uyise nguMbhishobhi Lawrence Buthelezi, owayengumholi ebandleni laseSheshi.
Uganiwe futhi unezingane ezimbili, umfana nentombazane.
UyiMeya yomkhandlu waseZululand. UnguMfundisi ebandleni i-Anglican Church of Southern Africa, elaziwa ngamaSheshi. Uyilungu lesigungu esiphezulu le-IFP.
Uneziqu zeBA Degree in Politics and Economics, azithola eNyuvesi iCape Town. Uzinye iziqu zeBusiness Administration azithola eNyuvesi iKwaZulu-Natal (UKZN).
Uke waba ngumholi we-IFP Youth Brigade kuzwelonke.