ABATHANDI bezincwadi eThekwini bazojabula kakhulu njengoba umkhumbi omkhulukazi emhlabeni oba nombukiso wezincwadi , iLogos Hope, uzotheleka kuleli dolobha kuleli sonto.
Umkhumbi uzoma echwebeni laseThekwini, iNelson Mandela Cruise Terminal kusukela ngoLwesithathu kuze kube uJuni 2.
UMasipala weTheku, uthe izihambeli ze-Logos Hope zizothola izincwadi ezingeziwe ezingaphezu kuka-5 000 kuzo okukhona ezeSayensi, ezemidlalo, ezokuchitha isizungu , ezokupheka, ezobuciko, ezikhuluma ngemithi, ezezilimi, ezenkolo nezinye ngemali engambi eqolo.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela umasipala, uthe ezinye izincwadi ezizobe zitholakala kulo mkhumbi ezikhuluma ngezingane, izichazamazwi, ezikhombisa ibalazwe, ucwaningo olwenziwe amanyuvesi nokunye.
IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda, ithe ukunwetshwa kwechweba laseThekwini kuheha abagibeli abaningi bemikhumbi edolobheni.
Umasipala uthe, i-Logos Hope izovulwa kusukela ngoLwesibili kuya ngoMgqibelo kusukela ngo-11 ekuseni kuya ku-8 ebusuku. NgeSonto, izovulwa kusukela ngo-1pm kuya ku-8pm. Umkhumbi uyavalwa uma kunguMsombuluko. Imali yokungena ngu-R10, kodwa izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 nabadala abaneminyaka engu-60 kuya phezulu bangena mahhala.
Umbukiso wezincwadi uzovulelwa ukuvakasha kwezikole kusukela ngoLwesihlanu Meyi 24 kuya ngeSonto Juni 2. Kufanele ubhukhe ngaphambi kokuwuvakashela.