AMAQEMBU ezepolitiki amancane avuke azithatha, athula imiqulu yezethembiso zokhetho njengoba kusondela usuku lokuvota.
Ngempelasonto, amaqembu amathathu okuyi-UDM, PAC ne-FF Plus, athule imikhankaso yawo yakhetho.
La maqembu athula imiqulu yawo emva kokuthi amaqembu amakhulu i-ANC, DA, ne-EFF, eseyivulile indlela.
I-ANC, DA ne-EFF, iwona anezihlalo eziningi ePhalamende, futhi iwona aba ngowokuqala ukwethula izethembiso zokhetho.
Njengoba ukhetho lwangoMeyi selusondele, kulindeleke ukuthi abe maningi amaqembu amancane azokwethula izethembiso zokhetho.
Amaqembu athule izethembiso ngempelasonto, athembise amathuba emisebenzi, ukuthuthukisa umnotho nokulwa nenkohlakalo.
Umholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, uthe bafuna kuphele ukuphathwa ngendlela engafani kwabaholi bomdabu eNingizimu Afrika. UHolomisa uthe bafuna ukuthi abaholi bomdabu baphathwe ngendlela efanayo kuzo zonke izifundazwe zakuleli.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula umqulu wezethembiso zokhetho, eGoli, ngoMgqibelo.
UHolomisa uthe akulungile ukuthi abaholi bomdabu bathole izinto ezingafani.
"Uma abaholi bomdabu bethengelwa izimoto eLimpopo naKwaZulu-Natal, abathengelwe nakwezinye izifundazwe. Ayiyekwe le nto yokukhetha iphela emasini."
UHolomisa uthe iqembu lakhe lizimisele ngokulwa nenkohlakalo.
"Inkohlakalo idla lubi lapha eNingizimu Afrika. Abantu abazitholi izidingo ngenxa yokuthi imali yehliswa ngemilenze. Iphutha elikhulu elenziwa ngabantu ukuthi bayaqhubeka nokuvotela abantu abanukwa ngenkohlakalo.
"Thina angeke siyibekezelele inkohlakalo. Namanje siyalwa nenkohlakalo. Ingakho sesisungule uphiko olulwa nenkohlakalo."
Selokhu i-UDM yasungulwa eminyakeni engaphezu kwengu-27 eyedlule, uHolomisa uyena obelokhu eyihola.
Ebuzwa ukuthi ucabanga ukwehla nini esikhundleni, uHolomisa uthe ulindele igama elizophuma kumalungu eqembu.
"Uma ubheka, sengiqalile ukucija abaholi bakusasa. Baningi abaholi abasebasha kwi-UDM. Ngilindele ukuthi bangihlebele uma sebekulungele ukuthatha. Bazosho uma sebefuna ukuthatha."
Khonamanjalo: I-PAC yethule umqulu wezethembiso zokhetho, eGoli, ngoMgqibelo.
UMengameli wePAC, uMnuz Mzwanele Nyhontso, uthembise ukwenza izinguquko kwezobulungiswa uma benqoba ukhetho.
UNyhontso uthe imithetho yakuleli iyaphambana namasiko akuleli.
"Imithetho yezwe kufanele ihambisane namasiko abantu bomdabu. Imithetho yezwe akufanele ihambisane nokwabamhlophe."
UNyhontso uthe iPAC iyohlezi ibeka phambili izidingo zabantu bakuleli.
"Thina asifani ne-ANC. Kulo mqulu siyasibophezela ekufezeni izidingo zabantu bakithi."
I-FF Plus yona ithe ifuna ukuqeda uhlelo lokunikezwa amathuba angcono kosomabhizinisi abamnyama iBEE, yathi iyaphikisana nohlelo lwezempilo olusha oluhlongozwayo iNational Health Insurance (NHI).