UVELE eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, owesilisa osolwa ngecala lokudlwengula, abulale intombazane yaseMayville, ngeledlule.
Isidumbu sikaSenamile “Aphula” Sphengane (6) sitholwe sijikijelwe esikhotheni eduze kwenkundla yezemidlalo iWiggins, ngoMsombuluko odlule. Kuthiwa umsolwa wambulala ngokumsonta intamo umufi.
Wayekade egcine ukubonakala ngayizolo kubo, ezidlalela imidlalo kwiselula, ebuka nethelevishini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe: “Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu, kanti ubhekene namacala amabili, elokudlwengula nelokubulala.”
Lithintwa ilungu lomndeni, uNksz Phumla Sphengane uthe: “Besingakezwa lutho. Amaphoyisa abengakasazisi ngokuboshwa kwakhe. Ngaleso sizathu akukho esingakuphawula ngokuboshwa kwakhe.”
Ngeledlule ngesikhathi Isolezwe libika ngesigameko, lithole ukuthi umufi unyamalale ehleli nesoka likadadewabo kanina ngesikhathi yena (unina) esaye ukuyothenga isinkwa esitolo sendawo. Kuthiwa yilo elitshele unina ukuthi u-Aphula uphume wahamba nenye ingane ecishe ilingane naye eyafika yazomvakashela.
Emva kokunyamalala kwakhe, akubange kusavela ebanganini bakamufi ukuthi iyiphi le ngane efike yazomthatha kubo.
Isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe ngowesilisa wendawo okuthiwa ubehesha ukhula eduze kwenkundla yezemidlalo kanti uzozithela phezu kusona.