Ushaywe wuvalo waze wacela umthandazo umculi wowokholo uXolisa Kwinana ngesikhathi ibhanoyi abehamba ngalo lisuka eThekwini liya eKapa lihluleka wukuhlala ngenxa yobuhixihixi laze laphoqeleka ukujika liye eGqeberha, nakhona laba nenkinga.
Ngokwe-Flightradar24, ibhanoyi (FA183) lisuke esikhumulweni sezindiza iKing Shaka ngo-7.25 ebusuku ngeSonto liya eKapa kodwa lajika endleleni layohlala eGqeberha.
Ngokomlando wohambo kuthe ngo-9.14 seliseWestern Cape kodwa lingakafiki esikhumulweni sezindiza eKapa laqala lazungeza kathathu. Okwesine ngo-9.47 libe selidweba libheke eGqeberha lapho lifike lahlala esikhumulweni sezindiza sakhona ngo-10.32 ebusuku.
Ngakusasa ngo-9.11 ekuseni liphinde lazama ukusuka kodwa lajiika ngasolwandle lwaseSt Francis Bay lase lizungeza eGqeberha ngaphambi kokuhlala esikhumulweni sakhona ngo-10.50 ekuseni.
Ngokombhalo kaXolisa, libhanoyi lijikele eGqeberha ngenxa yenkinga kagesi esikhumulweni saseKapa.
"Ngenxa yalokhu, amabhanoyi abengakwazi ukuhlala nokusuka. Sichithe cishe amahora amabili sihleli ebhanoyini eGqeberha.
Abantu balale esikhumulweni sezindiza ngenhlanhla mina ngikwazile ukuthola indawo yokuphumula kancane. Ngemuva kuka-2 ekuseni bathumele imiyalezo yokuthi ibhanoyi lizosuka ngo-9 ekuseni," kubhala uXolisa.
Uthe ngesikhathi selizosuka, ukapteni umemezele ukuthi ibhanoyi linezinkinga kumele libuyele liyopaka base belinda imizuzu engu-30 ngaphambi kokuthi lisuke.
"Ngemuva kwemizuzu engu-10 kuya kwengu-15 lisemoyeni, sitshelwe ukuthi ibhanoyi linezinkinga futhi kumele liyohlala ngokushesha eGqeberha."
Uthe balinde ibhanoyi elisuka eGoli lizobayisa eKapa.
"Sicela nisibeke emthandazweni," kubhala yena kuFacebook ngoMsombuluko.
I-Airports Company South Africa (Acsa) ithe kuye kwaphazamiseka ukuhamba kwamabhanoyi eCape Town International Airport ngenxa yokuthi ugesi ubungekho ngeSonto.
Ithe lesi simo siye saphazamisa ukuhamba kwamabhanoyi njengoba ebengakwazi ukungena nokuphuma kulesi sikhumulo. Abethunyelwa kwezinye izikhumulo okubalwa i-O.R. Tambo International Airport, Chief Dawid Stuurman International Airport namanye.
Ithe konke bese kulungile ngoLwesibili, yaxolisa ngokuthikamezeka okube khona. Igqugquzele abantu ukuthi bathole i-app yakwa-Acsa ezobavezela ukuhamba kwamabhanoyi.