LIHLEZI lubhojozi ikhansela laKwaNongoma kuhlaselwa amadodana alo ngabantu abafike babuza lona.
UNkk Nonhlanhla Zungu oyikhansela kuMasipala waKwaNongoma nakuMasipala wesifunda iZululand, uthe usesaba nokuphumela emnyango emva kokuthi kuhlaselwe amadodana akhe, oMnuz Phelelani noVusumuzi Zungu, ezigamekweni ezahlukene.
Isigameko sokugcina senzeke ngoLwesihlanu ebusuku lapho kuhlaselwe khona uPhelelani esesangweni lomuzi wakubo.
UPhelelani uhlaselwe ngabalisa abafike bambuza uNkk Zungu.
UNkk Zungu uthe indodana yakhe isindiswe wukuthi iziphike.
“Wayethi uyaphuma uya kwelinye ikhaya, kwaqhamuka amadoda avele aqonda kuyena. Wezwa kuthi khaxa izibhamu, abe esebuza ukuthi ngikuphi mina. Bamshaya bamginqa phansi. Wasizwa wukuthi athi akasiyena owalapha ekhaya, ubedlula.”
UNkk Zungu uthe lesi sigameko senzeka engekho esenkozweni yasebusuku.
“Mina ngabona sekufika amaphoyisa. Nakhona umfundisi wathi ngingatshelwa ngoba ngaze ngezwa ekuseni.”
UNkk Zungu uthe ngenyanga edlule kuhlaselwe uVusumuzi, odutshulwe esesangweni lomuzi wakubo.
“Kwaba ngozi makhaza kuyena ngoba waze waphuthunyiswa esibhedlela.”
UNkk Zungu uthe usesaba ngisho ukuphuma ayokwenza umsebenzi wakhe wobukhansela.
“Ngelanga lesigameko sokugcina angilalanga ngisho ekhaya. Uma ngifika ekhaya ngifike ngizivalele endlini, ngingabe ngisaphuma. Kunzima kimina ukuphuma ngoba ngizibona ngingaphephile lokhu kwangempela.”
USotswebhu weNFP esifundeni iZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe bazobhalela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal nobuholi bamaphoyisa, bacele ukuthi kubhekelwe uNkk Zungu ngabaqaphi.
“Naye uNkk Zungu sizomcela ukuthi abhalele uMasipala waKwaNongoma acele ukuthi umnikezele abaqaphi.”
UNtombela uthe kabanakanga ngesikhathi kuhlaselwa okokuqala ngoba indodana kaNkk Zungu edutshulwe kuleso sigameko isembonini yamatekisi.
“Okusithusile yilokhu kokugcina lapho bese kubuzwa khona ukuthi uphi uNkk Zungu. Lokhu kwenze sabona ukuthi lezi zigameko zihlobene.”
UNtombela unxuse amakhansela eqembu ukuthi angathuswa yilezi zigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ngeke akwazi ukuphawula ngaphandle kwenombolo enikezwa umuntu ovule icala.
Izolo umndeni wakwaZungu ubusematasa nokuvula amacala.
Lesi sigameko siza nje ahlalele ovalweni amakhansela asenhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal njengoba mumva nje kwande izigameko zokusocongwa kwamakhansela kule ngxenye yesifundazwe.
Ngeledlule ikhansela lakuMasipala waseMhlathuze, uMnuz Lindokuhle Ndlovu, lisinde esigamekweni sokusocongwa lapho belilalelwe unyendle emzini walo.
Ngenyanga eyedlule kubulawe ngokudutshulwe elinye ikhansela lakuMasipala waseMhlathuze, uMfu John Myaka, ohlaselwe eshumayela.
Kuyona le nyanga kuphinde kwabulawa ngokudutshulwa ikhansela lakuMasipala wesifunda uMkhanyakude, uMnuz Innocent Killer Mkhwanazi.