USUZOLUTHOLA eduzane usizo lwezempilo umphakathi waseMbumbulu namaphethelo emuva kokunikelelwa kukaMasipala weTheku ngomtholampilo ongumahamba nendlwana.
Izolo iMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, yamukele umacekecele weveni enobuchwepheshe besimanje umasipala oxhaswe ngayo abakwaToyota.
Umkhandlu uthi abantu baseMdumezulu naseMadundube bebethwala isiphambano uma izulu liyidliva kungafinyeleleki emtholampilo.
Kuthiwa lokhu bekudalwa yimigwaqo emibi eyibhuqu okungahambeki nhlobo kuyona uma izulu lina.
UXaba ubonge wanconcoza kwaToyota wathi lo mtholampilo uzoba isixazululo ezinkingeni lapho umnyango wabo wezempilo uhluleka khona ukuhlinzeka abantu usizo ngenxa yobude bendlela.
“Siyajabula siwumasipala ukuthi abakwaToyota bathathe isinqumo sokuthi basihlinzeke ngomtholampilo ongumahamba nendlwana ozosiza abantu baseMbumbulu. Siyophumelela siyisizwe uma kukhona ukusebenzisana nabomkhakha wamabhizinisi,” kusho uXaba.
Umengameli ophinde abe isikhulu esiphezulu kwaToyota South Africa Motors, uMnuz Andrew Kirby, uthe bajabulile ngoba kubathathe iminyaka bakhela umasipala iveni yezempilo.
UKirby uthe bakhe umahamba nendlwana ukuze kube lula ukuba ufinyelele ezindaweni lapho usizo lwempilo lungafiki khona kalula.
“Kuyasijabulisa ukusebenza ngokuhlanganyela noMnyango wezeMpilo nomasipala. Sekunezinyanga siyihlola, siqinisekisa ukuthi imelana nanoma isiphi isimo,” kuchaza uKirby.
Umtholampilo ongumahamba nendlwana kuthiwa wakhiwe waba sezingeni eliphezulu futhi uyakwazi ukumelana nanoma isiphi isimo somgwaqo nezulu.
Kuvela ukuthi unethangi lamanzi eziguli, iWiFi, ama-solar panels, umbhede, i-microwave, ifriji namawindi.