UTHOLWE enenxeba lokudutshulwa owesilisa imoto yakhe etholwe ngabezimo eziphuthumayo iginqike emgwaqweni u-M30 eGauteng.
Okhulumela i-Emer-G-Med uKyle van Reenen uthi bathole umbiko ngengozi ebandakanya imoto eyodwa ngasebhulohweni iGarsfontein ku-M30 eGauteng ngoLwesithathu ekuseni.
“Sifike endaweni yesigameko kunenqwaba yezimoto zezinkampani zonogada, kukhona nemoto eyodwa okubonakala ukuthi iginqike yalala ngohlangothi,” kusho yena.
Uphenyo luveze ukuthi lo wesilisa ufe ngenxa yokudutshulwa. Kuthiwa ubejahwa ngabenkampani yonogada, ngesikhathi kuba nokudubulana kwaphetha ngokufa kwalo wesilisa.
Usavaliwe lo mgwaqo kusukela ejikeni laseMatroosberg naseMenlyn kanti namaphoyisa basendaweni yesigameko njengoba sekuqalwe uphenyo lokufa kwalo mlisa.