LUYASHUBA elokusocongwa kwephoyisa lomkhandlu weTheku, uCaptain Captain Zwelakhe Thomas Ntombela, njengoba sekuboshwe nothishanhloko wesikole samabanga aphansi KwaMaphumulo, ngokubandakanyeka kuleli cala.
Lo thishanhloko (53) wesilisa ogama lakhe nesikole okungeke kudalulwe ngaphambi kokuvela enkantolo, Isolezwe elinakho, ukhalelwe ngamaSongo kaSigonyela ekwakhe ngoLwesihlanu.
Kuthiwa kugasele amaphoyisa ekwakhe kwaMaqumbi, kwaMaphumulo, ambopha ngecala lokusoconga uNtombela.
Kuvela ukuthi uboshwe ngamaphoyisa ophiko iDirectorate for Priority Crime Investigationa (DPCI), kulandela ukuhletshelwa ngothile ukuthi umsolwa bazomthola kuphi.
Umufi wadutshulwa ekhanda ngowesilisa owayefake izingubo zamaphoyisa ngoMeyi, nonyaka, evala isango lakwakhe, kwa-S, eMlaza.
Waphuthunyiswa esibhedlela iSiphingo Medical Towers, okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwesikhashana kwaboshwa inkabi, uMzo Ntombela owavuma icala maqede wageqa amagula ngetulo lokusoconga umufi.
Wagwetshwa wase eyakudalula ukuthi ubesebenzisana nomkamufi, uNkk Faith Ntombela (umaNkosi) naye okuyimanje ugqigqa inkantolo ngaleli cala.
Akudlulanga isikhathi eside, kube sekulandwa inkabi esatshwayo neyaziwayo KwaZulu Natal, uMnuz Khulani Cele, nayo iyamaniswa naleli cala.
Kwavela ukuthi uCele nguyena umdidiyeli wezinkabi okungumsebenzi awenza esejele.
Kuthiwa nguyena owathola inkabi eyasoconga uNtombela njengoba sekuboshwa lo thishanhloko.
Uthishanhloko kuvela ukuthi ubesebenzisana eduze nomkamufi, kuhlelwa ngobunyoninco itulo lokusoconga uNtombela.
UMnuz Nkosinathi Ntombela ongumfowabo kamufi, uthe bazwile ukuthi kukhona omunye wesilisa oboshiwe ngoLwesihlanu kusihlwa ngecala lokubulawa kukamfowabo.
Uthe akukuningi abakutholile ngalokhu ngaphandle kokuthi lo oboshiwe ubenguthishanhloko kwezinye zezikole zaKwaMaphumulo.
"Sizwile ukuthi kukhona omunye oseboshiwe. Okumqoka njengamanje ukuthi ekugcineni kutholakale isiphetho salolu saba,'' usho kanje.
Uthe lo wesilia okukhulunywa ngaye okuthiwa uboshiwe abamazi, bayaqala nokuzwa ngaye.
Okhulumela oKlebe KwaZulu Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuboshwa kowesilisa onguthishanhloko KwaMaphumulo.
Uthe icala abanjelwe lona elokuba nesandla ekubunjweni kwetulo lokusocongwa kukamufi.
Uthe angeke aze akudalule ukuthi bakhona yini abanye abasazongena ezikhindini ngaleli cala kodwa wathi uphenyo lwabo lusaqhubeka ngaleli cala.
Namhlanje kuzobe kungokokuqala ukuthi laba abathathu okungumkamufi uNkk Ntombela, inkabi uCele nothishanhloko, bavele kanye kanye enkantolo ngaleli cala.