UBEWUMLUTHA wezidakamizwa umfundi waseBongucele High, eMthwalume, osolwa ngokuba umalugaju ocathamela izingane ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi azenzakalise, obevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe, ngoLwesihlanu.
Lokhu kwenzeke emva kwesigameko esishaqise abaningi sokuhudulelwa esikhotheni komfundi oneminyaka eyisithupha obephuma esikoleni ahlutshulwe izimpahla okukholakala ukuthi kwenziwe yilo msolwa oneminyaka ewu-17 ofunda u-Grade 9.
Ubhekene namacala; elokudlwengu nelokuzama ukubulala njengoba kuvela ukuthi kulesi sigameko esenzeke ngesonto eledlule, kuthiwa uzame ukudlwengula umgilwa ngaphambi kokumshaya ngetshe ekhanda wamshiya edindilizile ezitshela ukuthi ufile.
Kuthiwa emva kokuboshwa uvumile ukuthi uyena owenze lesi sihluku waphinde wavuma nokuthi wuye owabulala uSinethemba Ngcece (8) owayenza u-Grade 3 esikoleni samabanga aphansi eMakhoso, nyakenye. Isidumbu sakhe satholwa silaxazwe ngasemfuleni sesonakele okwasekuphele amasonto enyamelele selokhu wayegcine ukubonwa ephuma esikoleni.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa uvele uwuhlupho esikoleni afunda kuso, kuthiwa uzitika ngezidakamizwa nangesikhathi sesikole.
Omunye wothisha ofundisa esikoleni afunda kuso ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe umsolwa ubemisiwe esikoleni ngaphami kokuvalwa kwezikole kwathiwa akabuye nomzali njengoba ubebanjwe namaphilisi ohlobo oluthile ayizidakamizwa esikoleni.
“Uwuhlupho kakhulu. Kuthiwe akabuye nomzali ngokuvulwa kwezikole ngenxa yezenzo zakhe kodwa wakhetha ukufika nomuntu othile okungesiye umzali wakhe. Kuthiwe uzobuyela esikoleni mhla wafika nomzali wakhe. Yize ubengakaze akhombise ulaka kwabanye abafundi kodwa ukusebenzisa izidakamizwa esikoleni, sekuyinto yakhe, ” usho kanje.
Uthe nasekilasini kufundwa, ubevele enze akuthandayo uma kuthi akasukume ame ngezinyawo noma aphume ngaphandle uthisha efundisa okukanye akhulume amagama ayiziswana, enze njalo.
Uqinisekise ukuthi nabazali bakhe sebeke babizelwa esikoleni babikelwa imikhuba yakhe.
Uthishomkhulu wesikole okufunda kuso umsolwa, uMnuz Vuyani Nguse, uthe akukho okuhlanganisa isikole nezenzo umsolwa asolelwa kuso.
“Okusiphatha kabi nje ukuthi lokhu kulimaza igama lesikole ngoba kuzovela ukuthi umfundi wethu lo osolelwa ezenzweni eziyisihluku kangaka. Kodwa ngiyafisa ukuqinisekisa umphakathi ukuthi izingane ezifunda kulesi sikole ziyahlonipha ngendlela eyisimannga njengoba kuyisiko lethu futhi kuyafundwa akukhona kwampunzi edla emini. Nokho siyazwelana kakhulu nemindeni ethintekile nomndeni nje wakhe umsolwa ngoba akekho obekulindele lokhu uma sibuka iminyaka yakhe,” usho kanje.
Ubabekazi kamsolwa ocele ukungadalulwa, uthe bewumndeni kubashaqisile ukuthola ukuthi unukeka ezenzweni ezimbi kanje.
“Uwumuntu ohloniphayo lapha ekhaya, ngisho omakhewane bebemazi kanjalo. Besingakulindele ukuthi athinteke ezenzweni ezinjengalezi, kodwa ngicela ukungaphawuli kakhulu kwazise sisazohlangana siwumndeni ngoba uyingane yasekhabonina. Lapha nje ubezohlala kubo kayise esondelela isikole, kumele sihlale nabo siludingide lolu daba,” usho kanje.