UMREPHA ongumculi we-Afro soul, uJabulani "Sjava" Hadebe, uzokhumbuza abalandeli bakhe ngezingoma zamzukwane ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini, ngale mpelasonto.
USjava odabuka eBergville, unochungechunge lwamakhonsathi oluqala namhlanje ngo-7 ebusuku, luze luphothulwe ngeSonto ngo-3 ntambama.
KwiSjava 2018 Tour lo mculi usuke eqhulula amanoni awacaphune kuma-albhamu akhe awakhipha ngalo nyaka, esihloko sithi Umqhele nethi Umphako (EP).
Yilo nyaka lapho uSjava akhala wemuka khona nendondo phesheya kwezilwandle kumaBET Awards futhi wapikwa kwi-albhamu kaKendrik Lamar ethi Black Panther.
Kumanoni angeke aphume engawaculanga bukhoma esiteji kubalwa elithi Ikhandlela, Linda, Izitha nelithi Abangani.
USjava uthembise ukukhipha amangwevu ukuze ashiye izithameli zisahalela impinda.
Uthe akuthanda kakhulu ngokucula bukhoma emicimbini ukuthi uthola ithuba lokuxhumana nabalandeli bakhe.
"Indlela engikwazi ukuxhumana ngayo nabalandeli bami nezihlwele ngesikhathi nginandisa bukhoma iyamangalisa futhi iyona ewumgogodla emsebenzini wami wokucula."
Uthe ngisho nangezikhathi ezinzima empilweni yakhe, uma esesteji, konke okusuke kwenzeka kumnikeza umdlandla.
"Yikho okungigugquzelayo. Yilokhu engiphila ngakho."
Lolu chungechunge olukazwelonke njengoba uSjava ehamba enandisa koGreen Point, eCape Town, eState Theatre ePitoli, eSand Du Plessis eBloemfontein, eJoburg Theatre eGoli, nasePlaytsongo Dome eMalahleni, eMpumalanga.
*Ikhonsathi yanamhlanje nakusasa aqala ngo-7 ebusuku, bese eyangeSonto iqale ngo-3 ntambama.