SISHIYE isililo nosizi emindeni emibili yaseMambedwini, KwaMaphumulo, isigameko sokushona kwezingane ezintathu, ebezifunda e-Otimati Primary. Zibe sengozini yemoto kamalume othutha izingane zezikole, ngoMsombuluko.
Imoto eyiveni kuthiwa ibithutha izingane eziya ezikoleni ezintathu ezakhele indawo, okuyiTimoni Primary, Ezithabeni Secondary ne-Otimati Primary.
Ezinganeni ezintathu ezishonile, ezimbili, wuXolile no-Ayanda, ngezomndeni owodwa wakwaKhuzwayo, ziyalamana.
UXolile (14) ubefunda uGrade 7, u-Ayanda (12) yena efunda uGrade 6.Ingane yesithathu eshonile, uZiyanda Gumede, nayo engeyakhona endaweni. Isolezwelithole ukuthi ibifunda uGrade 5.
Ugogo omncane kaXolile no-Ayanda, Nkk Qondephi Khuzwayo uthe ingozi yenzeke ngezikhathi zasekuseni.
Uthe ngesikhathi bethola ucingo, batshelwe ukuthi ingozi yenzeke esangweni lesikole iTimoni Primary.
“Umndeni uphuthume khona, ucabanga ukuthi ngendlela okushiwo ngayo, akukubi kangako,” kusho uNkk Khuzwayo.
Uthe bafike bashaqeka uma befica umshayeli egcwele igazi, eqiqinga ezinye izingane ezifaka emotweni, ezama ukuziphuthumisa esibhedlela.
Uthe uXolile, u-Ayanda noZiyanda baphelele khona endaweni yesigameko.Uthe bathole ukuthi ingozi yenzeke emva kokuthi umalume epake ngasesangweni lesikole iTimoni Primary, efuna ukwehlisa abafundi abafunda khona.
“Kuthiwa uthe uma esehlile, eyovulela izingane obekufanele zehle, yavele yahamba imoto. Sithole ukuthi ngokucabanga ukuthi beziziphephisa engozini izingane, zivele zajomba ihamba imoto, zingacabangi ukuthi izohlehlela kuzo ihambe izigayisa,” kusho uNkk Khuzwayo.
Uthe ezinganeni ezijombile kukhona eyodwa ethole umhuzukwana ngoba ibigxanyalazelwe ngamasondo emoto, ayangalimala kakhulu, enye kuthiwa isesimeni esibucayi esibhedlela.
Uveze ukuthi nakuba bengenalo ulwazi oluphelele ukuthi bezingaki phakathi emotweni kodwa beziningi.
Uthe ngeke athi kukhona okwenziwe wumalume okungajwayelekile, basola ukuthi kube yibhadi nje eliqhamuke esithubeni.
Ukhale ngokuthi isigameko senzeke ngesikhathi esibi lapho engekho noyedwa otohozayo ekhaya, wakhala ngokuthi abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuthwala umngcwabo wabantu ababili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya icala lokubulala ngokungenhloso emva kwesigameko sokufa kwezingane zesikole ezintathu.
“Ingozi yemoto yenzeke endaweni yase-Otimati ngoMsombuluko. Imbangela yengozi iyaphenywa ngamaphoyisa,” kusho uLt Col Gwala.