Ushenxile esikhundleni usihlalo webhodi lesikhwama esixhasa abafundi, i-NSFAS, uMnuz Ernest Khosa, osolwa noNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uSolwazi Blade Nzimande, ngenkohlakalo.
UKhoza uzoshenxa esikhundleni kuze kuphothulwe uphenyo ngezinsolo ezenziwe yinhlangano elwa nenkohlakalo, i-Organisation Undoing Taxi Abuse (Outa), zokuthi yena noNzimande bagwazelwa yizinhlangano ezahlomula ngamathenda kwi-NSFAS.
UKhosa wazise ibhodi le-NSFAS ngokushenxa kwakhe esikhundleni emhlanganweni obungoLwesithathu.
Ibhodi le-NSFAS lithe likwamukele ukushenxa kukaKhosa.
Esitatimendeni, ibhodi le-NSFAS lithe uKhosa usaba ukwenzakaliswa, laveza ukuthi yena nomndeni wakhe basatshisiwe emva kokuvela kwezinsolo.
“Sisamukele isinqumo sokushenxa kwakhe, sabe sesazisa uNzimande ngokushesha. Sekusele kuNzimande ukuba aqoke ozobamba isikhundla.”
Ibhodi le-NSFAS lithe akushenxa kukaKhosa akusho ukuthi unecala.
“UKhosa ushenxe esikhundleni ukuze kungaphazamiseki uphenyo. Lesi yisinqumo azithathele yena, okukhombisa ubuqotho. Siyambonga ngokuthi abe nesibindi sokuthatha lesi sinqumo. Usichazelile ukuthi akakaze agwazelwe yizinkampani ezihlomula kwi-NSFAS.”
Ibhodi le-NSFAS lithe lizoqoka inkampani ezimele ukuba iphenye izinsolo ezibekwa wuKhosa.
“Inkampani ezoqokwa izothula umbiko wayo emva kwezinsuku ezingu-30 iqokiwe. Sizolimemezela maduze igama lenkampani ezoqokwa. Sifuna ukuqinisekisa abantu bakuleli ukuthi lolu daba sizoluphatha ngobunono.”
I-Outa ithe iyakwemukela ukushenxa kukaKhosa.
Isikhulu esiphezulu se-Outa, uMnuz Wayne Duvenage, sithe ukusula kukaKhosa kukhombisa ukuthi kukhona okushaya amanzi kwi-NSFAS.
“Ukube uKhosa umsulwa, ubengeke ashenxe esikhundleni. Ukube ngiwuyena, bengizobatshela ukuthi ngeke ngishenxe esikhundleni ngoba ayikho into engiyenzile. Ngicabanga ukuthi ibhantshi lizogcwala umoya maduze kuKhosa.”
UDuvenage uthe basamile ekutheni bafuna ukuthi uNzimande ashenxe esikhundleni.
“Miningi imibuzo uNzimande okufanele ayiphendule. Ingakho sifuna ukuthi ashenxe esikhundleni kuze kube kuphothulwa uphenyo.”
UNzimande uvele usevulelwe amacala emaphoyiseni, kwaphinde kwacelwa izinhlaka ezifana neSpecial Investigating Unit, nehhovisi loMvikeli woMphakathi ukuba ziphenye izinsolo abhekene nazo.
UDuvenage uthe banabo bonke ubufakazi obungalekelela emacaleni abhekene noNzimande.
“Sinethemba lokuthi izinhlaka zezomthetho zizothatha izinyathelo ezifanele. Siyethemba ukuthi umengameli nehhovisi lomphakathi bazolusukumela lolu daba.”
Amaqembu ezepolitiki, i-DA, EFF ne-ActionSA, akushayele ihlombe ukushenxa kukaKhosa, kepha athi afuna ukuthi uNzimande naye ashenxe esikhundleni.