ZIMKHALELE owesimame ovule icala eqamba amanga ngokudlwengulwa ngoba efuna imali kowayeyisoka lakhe.
Kubikwa ukuthi lo wesifazane ogamalakhe ngu-Ayanda Jim oneminyaka engu-29 ubudala, uvule icala lokudlwengulwa ngowayeyisoka lakhe ngoNovemba 25, 2023.
Uphiko oluphenya amacala odlame lwasekhaya, ukuvikeleka kwezingane namacala ocansi aluphenyile lolu daba, umgilwa wahanjiswa kudokotela ukuze ayohlolwa.
“Udokotela ubelungiselela ukumhlola umgilwa ngesikhathi ephumela obala, etshela umseshi wecala ukuthi akazange adlwengulwe kodwa ubezama ukuthola imali kowayeyisoka,” kusho uBrigadier Sabata Mokgwabone okhulumela amaphoyisa aseNorth West.
Lo wesifazane uboshwe ngamaphoyisa aseBoitekong, ngeSonto, ngoNovemba 26, 2023, wabekwa icala lokuqamba amanga.
Uvele okokuqala enkantolo yaseRustenburg, ngoLwesibili, icala lakhe lahlehliselwa uMsombuluko, ngoDisemba 18, 2023,